Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 7/15 k. 3
  • Usibheka Kanjani Isono?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Usibheka Kanjani Isono?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lapho Isono Singasekho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Yini Eshintshile Endleleni Esibheka Ngayo Isono?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Usibheka Kanjani Isono?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Izwe Elingenaso Isono—Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 7/15 k. 3

Usibheka Kanjani Isono?

“AWUNASO isono, awunalo usizi; ungumthombo wamandla onke.” Lamazwi ashiwo isazi sefilosofi esaziwayo esingumHindu uVivekananda lapho sichaza indima esencwadini engcwele yamaHindu, i-Bhagavad Gita. Ecaphuna kuyi-Vedanta, uthi: “Iphutha elikhulu kunawo wonke ukuthi ubuthakathaka, uyisoni.”a

Nokho, ingabe kuyiqiniso ukuthi umuntu akanaso isono? Futhi yini, uma ikhona, umuntu ayizuza njengefa lapho ezalwa? “Izici ezingokomzimba [kuphela] ezitholakala ngofuzo,” kusho uNikhilananda, umfundisi wamaHindu. Ezinye izici zinqunywa “izenzo [zomuntu] ekuphileni kwangaphambili.” NgokukaVivekananda, “wena ungumenzi wekusasa lakho.” UbuHindu abufundisi lutho ngesono esizuzwe njengefa.

Umqondo wesono esizuzwe njengefa awukho naphakathi kwabalandeli bakaZoroaster, amaShinto, amaConfucian namaBuddha. Ngisho nasezinkolweni ezixube ubuJuda nobuKristu, ekuqaleni ezazifundisa imfundiso yesono esizuzwe njengefa, isimo sengqondo ngesono siyashintsha. Namuhla baya ngokwanda abantu abangazicabangeli njengabanesono.

“Ulwazi lwanamuhla alukukhuthazi ukusola ukuziphatha; ikakhulukazi ukuzisola komuntu ngokwakhe,” kusho isazi semfundiso yenkolo uCornelius Plantinga, Jr. Amasonto eLobukholwa ayathinteka ekululazweni kwesono. “Ungayi esontweni uma ufuna ukuzwa ngesono,” kusho umfundisi waseDuke University. Futhi ngokukaPlantinga, amanye amasonto ngokuvamile akhuluma ngesono ezindabeni zezenhlalo kuphela.

Kuyavunywa, luningi usizi emphakathini namuhla. Ubudlova, ubugebengu, izimpi, izingxabano zobuzwe, ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa, ukungathembeki, ukucindezeleka nokuphathwa ngobudlova kwezingane kudlangile. Empeleni, ikhulu lama-20 liye labizwa ngokuthi elinye lamakhulu eminyaka elinokuchithwa kwegazi okukhulu kunakho konke isintu esake sakubona. Ngaphezu kwalokhu, kunobuhlungu nokuhlupheka okubangelwa ukugula, ukuguga nokufa. Ubani ongalangazeleli ukukhululeka ezinkingeni eziningi ezikhona emhlabeni namuhla?

Khona-ke, uyini umbono wakho ngesono? Ingabe isono sazuzwa njengefa? Ingabe siyoke sikhululeke ebuhlungwini nasekuhluphekeni? Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngalemibuzo.

[Umbhalo waphansi]

a Ifilosofi ye-Vedanta isekelwe kuma-Upanishad, avela ekugcineni kwemibhalo yamaHindu, i-Vedas.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela