Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 7/1 k. 32
  • Lapho Kufika OFakazi BakaJehova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Kufika OFakazi BakaJehova
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 7/1 k. 32

Lapho Kufika OFakazi BakaJehova

Kufanele enzeni amaKatolika lapho kufika omunye woFakazi BakaJehova emizini yawo? Incwadi yamuva elungiselelwe yi-National Catechistic Bureau of the Italian Bishops’ Conference ithi: “Ukwenqaba ngomusa ukuxoxa, kodwa ngokuqinile, kulokhu akukhona ukungabi nomusa.”

Akuwona wonke amaKatolika avumayo, njengoba kuboniswa incwadi eyabhalwa indoda ethile ehlala eFoggia, e-Italy yayithumela ephephandabeni lansuku zonke i-Gazzetta del Mezzogiorno:

“Angiyena omunye woFakazi BakaJehova. NgingumKatolika. Kodwa ngimangazwa imithetho ethile ebekwa isonto phezu kwamalunga alo athembekile, ewatshela ukuthi mawanamathelise eminyango yawo izaziso ezixosha oFakazi BakaJehova. Laba bantu baphethe iZwi likaNkulunkulu nje kuphela, futhi basiza abanye ukuba babe nolwazi olujulile lweBhayibheli. Lokhu kungikhumbuza ngesikhathi lapho i-Italy yayihlaselwe isifo sohudo futhi sanikezwa iseluleko sokuthi singakugwema kanjani ukungenwa yiso.

“Ngokubona kwami, lokhu kubonisa ukuthi isonto liphoqelela imithetho yalo ngaphandle kokucabangela izifiso zamalunga alo athembekile. Kodwa manje sekuyiminyaka ngibona ngisho namaKatolika engena endlini ngendlu, evakashela ngisho nemizi yoFakazi BakaJehova; futhi bayawangenisa baxoxe nawo, ngaphandle kokuwaxosha.”

OFakazi BakaJehova ababaphoqeleli abantu ukuba bamukele isigijimi sabo. Kunalokho, bazama ukuhlanganyela nabanye ithemba eliseZwini likaNkulunkulu bona ngokwabo abalithola liduduza kulezi zikhathi ezinzima. Ngokungena indlu ngendlu, nangokukhuluma nalabo abahlangana nabo emgwaqweni, oFakazi BakaJehova bahlanganyela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nalabo abathanda ukulalela.—Mathewu 24:14; IzEnzo 5:42; 17:17.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela