Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 6/15 k. 32
  • “Yibani Izigqila ZeNkosi, UKristu”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Yibani Izigqila ZeNkosi, UKristu”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 6/15 k. 32

“Yibani Izigqila ZeNkosi, UKristu”

KUWO wonke umlando, izigidi zabantu ziye zakhuthazelela ubugqila. Ngokwesibonelo, eminyakeni eyizinkulungwane edlule, ama-Israyeli ahlupheka kakhulu ezandleni zababonisi baseGibithe. Njengoba iBhayibheli lisho, “babeka abaphathi-zigqila phezu kwama-Israyeli ukuze bawaqede amandla ngemithwalo enzima,” ikakhulu ekwenzeni izitini.—Eksodusi 1:11, The Jerusalem Bible.

Emazweni amaningi namuhla, abantu bangase bangagqilazeki ngomqondo ongokoqobo, kodwa abaningi kudingeka basebenze amahora amaningi ngaphansi kwezimo ezinzima—ngezinye izikhathi ezingezinhle. Bangaphansi komthwalo onzima ongase ubizwe ngokuthi ubugqila obungokwezimali.

Nokho, kukhona uhlobo lobugqila olungewona umthwalo osindayo. Umphostoli uPawulu wanxusa akholwa nabo: “Yibani izigqila zeNkosi, uKristu.” (Kolose 3:24) Labo abakhetha ukuba izigqila zikaKristu bathola impumuzo emithwalweni yabo enzima. UJesu ngokwakhe wathi: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke. Bekani ijoka lami phezu kwenu futhi nifunde kimi, ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo, nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka. Ngoba ijoka lami ngelomusa nomthwalo wami ulula.”—Mathewu 11:28-30.

Ukwamukela ijoka likaKristu akumkhululi umuntu esibophweni sokondla umkhaya wakhe ngezinto ezibonakalayo. (1 Thimothewu 5:8) Nokho, kunikeza inkululeko ezihibeni eziningi zokuphishekela izinto ezibonakalayo. Kunokwenza ukunethezeka ngokwezinto ezibonakalayo kube umgomo wawo oyinhloko ekuphileni, amaKristu athola ukwaneliseka ngezidingo eziyisisekelo.—1 Thimothewu 6:6-10; qhathanisa neyoku-1 Korinte 7:31.

AmaKristu athola ukuqabuleka nasekufezeni umthwalo wawo wemfanelo wokushumayela “izindaba ezinhle” zoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 24:14) Lokhu kuletha injabulo nokwaneliseka kwangempela!

Kumelwe sibonge ngokuthi ‘singaba izigqila zeNkosi, uKristu’!

[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]

Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela