Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Ukubalekela Enhlanganweni KaJehova Engokwasezulwini
KUDALA umprofethi u-Isaya washukunyiselwa ukuba athi: “Mdumiseni uJehova [eziqhingini zolwandle, NW].” (Isaya 24:15) OFakazi BakaJehova babheka iziqhingi zolwandle njengengxenye ‘yomhlaba owakhiweyo’ uJesu athi “izindaba ezinhle kumelwe zishunyayelwe” kuwo.—Mathewu 24:14; Marku 13:10.
IMarquesas Islands isendaweni engamakhilomitha angu-1 400 ukuya ngaseningizimu-mpumalanga yeTahiti. Iyingxenye yeqoqo leziqhingi eliqhelile eSouth Pacific elibizwa ngokuthi iFrench Polynesia. Ngenxa yenhlabathi evundile yentaba-mlilo kanye nesimo sezulu esifudumele nesinomswakama, lezi ziqhingi ziyathela. Nokho, iMarquesas ithela nolunye uhlobo lwesithelo. Cabangela indaba yomkhaya owasabela esigijimini soMbuso esiqhingini saseHiva Oa.
UJean nomkakhe, uNadine, babengakujabuleli lokho okubizwa ngokuthi umphakathi ophucuzekile ababehlala kuwo eNtshonalanga Yurophu. Ngakho banquma ukuyishiya leyo ndlela yokuphila ematasa futhi bathuthele eMarquesas Islands nengane yabo. Indlu yabo entsha, eyakhiwe ngoqalo, yayizinze esigodini esiqhelile. Ukuze bafinyelele omakhelwane babo abaseduze, kwakudingeka bahambe ngezinyawo endleleni esentabeni emazombezombe amahora amabili. Umuzi oseduze onodokotela, isikole, nesitolo wawuqhele ngamahora amathathu uma uhamba nge-jeep.
UJean noNadine babengenasithakazelo enkolweni. Nokho, babehlanganyela ezingxoxweni ezimayelana nomsuka wokuphila. Kaningi, babexoxa kabanzi ngenkolelo-mbono yokuziphendukela kwemvelo eyinkimbinkimbi. Kodwa izinkolelo-mbono zabo azibalethelanga ukwaneliseka.
Ngemva kokuhlala ngabodwa iminyaka eyisithupha, bamangazwa ukuvakashelwa oFakazi BakaJehova ababili. OFakazi babezwe ngezakhamuzi eziseduze ukuthi babengabathola kuphi oJean noNadine. Njengoba kungase kulindeleke, inkulumo yaholela engxoxweni yenkolelo-mbono yokuziphendukela kwemvelo. Okwajabulisa lombhangqwana ukuthi oFakazi babephethe incwadi ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation?, enyatheliswa oFakazi BakaJehova. UJean noNadine bakujabulela ukuba nencwadi ehlola ngokuningiliziwe ukuthi ukuphila kwaba khona kanjani lapha.
Kungakabiphi, kwaqalwa isifundo seBhayibheli. Eminyakeni engaba mithathu, uJean noNadine bathuthuka ngokuqhubekayo. Bakholelwa ukuthi ngokushesha umhlaba wonke uyokwenziwa ipharadesi. Lapho umkhaya wabo usuwande waba nezingane ezintathu, ukuhamba amahora amane ukuze babe semhlanganweni wobuKristu eHholo LoMbuso kwaba inselele yangempela. Nokho, lokhu akubavimbelanga ukuba babe khona. Ekugcineni uJean noNadine babonakalisa ukuzinikezela kwabo kuJehova ngobhaphathizo lwamanzi. Lokhu bakwenza emhlanganweni owawusemzini oyinhloko, lapho kwakunenani eliphakeme labantu abangu-38!
Ukuze usize iqembu elincane labamemezeli boMbuso, lomkhaya wanquma ukulishiya ikhaya lawo elingalodwa. Wathuthela emzini onabantu abacishe babe yinkulungwane, lapho uJean manje ekhonza khona njengenceku ekhonzayo ebandleni lendawo loFakazi BakaJehova. Lomkhaya, ngaphambili owabalekela eziqhingini ukuze ushiye impucuko, ukubheka njengelungelo ukuthola okuwukuphela kwesiphephelo seqiniso, inhlangano kaJehova engokwasezulwini.