Ingabe Siyoke Siphumule Ukubona Imifanekiso Enjena?
NOMAPHI lapho siya khona kulezi zinsuku, sibona imifanekiso yesimo esishubile, ingxabano nempi. Kodwa injongo yalomagazini ayikhona ukwenezela kuzo zonke izindaba ezimbi ozaziyo kakade. Kunalokho, lomagazini okhethekile uzokwazisa okungenani ngamaqiniso amabili aduduzayo. Okokuqala, ukuthi iziprofetho zasendulo eziseBhayibhelini empeleni zabikezela eziningi zezindaba ezimbi ngokushaqisayo zesikhathi sethu; okwesibili, ukuthi yona kanye lencwadi yesiprofetho ibikezela ngosuku lapho imifanekiso enjengalona oboniswe lapha iyoba yinto yesikhathi esidlule. Zingasekho izimpi. Kungasekho ukuqhunyiswa kwamabhomu, ukudubulana, amabhomu agqitshwayo, noma ubuphekula. Zingasekho izintandane ezilusizi noma ababaleki abangenamakhaya. Kuyoba yizwe lokuthula kwangempela okuthoba inhliziyo. Ingabe ungathanda ukubona isikhathi esinjalo? Sikunxusa ukuba ucabangele lokho iBhayibheli elikushoyo. Kulo ungathola induduzo engaphezu kowake wayicabanga.