Umshado Weminyaka Engu-403 Usengozini
ESWEDEN, iSonto noMbuso kuye kwajabulela ubuhlobo obuseduze iminyaka engaphezu kuka-400. Manje umshado wenkolo nohulumeni uyantengantenga.
UbuLuthela bamiswa njengenkolo yoMbuso ngo-1593, futhi bonke abantu baseSweden kwakudingeka babe amalungu abhapathiziwe. Eminyakeni ethile kamuva, phakathi nawo-1850, kwenziwa ushintsho. Kwakungasadingeki ukuba abantu baseSweden babhapathizwe; noma kunjalo, babesabhekwa njengamalungu eSonto LamaLuthela. Ngenxa yalokho, kwakudingeka bakhokhe iphesenti elilodwa lenzuzo okukhishwa kuyo intela ukuze baxhase isonto futhi bakhokhele nezinkonzo ezithile zikahulumeni ezenziwa isonto. Muva nje kube nolunye ushintsho. Kusukela ngo-1952, abantu baseSweden babengasula ngokomthetho esontweni ngaleyo ndlela bakhululeke ekukhokheni ingxenye enkulu yentela yesonto.
Eminyakeni yamuva iSonto LamaLuthela liye laqhubeka liphelelwa ngamandla okulawula eSweden. Lokhu kwakungenakugwenywa, njengoba amaphesenti ayishumi ezakhamuzi zaseSweden engabantu abaphuma kwamanye amazwe abangewona amaLuthela, kuhlanganise namaJuda, amaKatolika namaSulumane. Ngakho, ekuqaleni kuka-1996, bekunamaphesenti angu-86 kuphela abantu baseSweden abangabeSonto LamaLuthela, futhi leli nani liya lincipha.
Ukuphelelwa isithakazelo okwandayo kuphoqelela ukuba kube negebe phakathi kweSonto noMbuso. Kakade, kuye kwamenyezelwa ukuthi akudingekile ukuba inkosi ibe umLuthela, futhi izingane ezizalwa umLuthela azimane nje zibhekwe njengamalungu eSonto LoMbuso LamaLuthela. Ngaphezu kwalokho, ngokwe-Dallas Morning News, ngonyaka ka-2000, “abefundisi bezifunda nombuso kumelwe babeke amanani futhi bahlukanise izindawo eziningi kakhulu. Isonto kumelwe linciphise ama-dollar ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-1,68 [amaRandi ayizigidi ezingu-7 850] eliyisebenzisa ngonyaka, eningi yayo etholakala ngentela.” Ekupheleni kwaleli khulu leminyaka, isonto lizozimisela ababhishobhi balo.
Njengoba eLobukholwa likhathazwa ukuphela kwesithakazelo nokuncipha kwamalungu, oFakazi BakaJehova eSweden bayaqhubeka banda. INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1997 ibika ukuthi kunabamemezeli boMbuso kaNkulunkulu abangu-24 487 kulelozwe, futhi abacishe babe amaphesenti ayishumi bashumayela njengezikhonzi ezingamaphayona esikhathi esigcwele. Abaningi balaba bazama ukufinyelela amalungelo engeziwe enkonzo. Ngokwesibonelo, emhlanganweni wesigodi woFakazi BakaJehova wango-1995, imibhangqwana eshadile engu-20 yafaka izicelo zokuqeqeshelwa inkonzo yezithunywa zevangeli e-Watchtower Bible School of Gilead. Ngaleso sikhathi, kwakunabafundi baseSweden abalinganiselwa ku-75 abathweswa iziqu emakilasini angaphambili ababesenkonzweni yezithunywa zevangeli ezingxenyeni ezihlukahlukene zezwe. Ngokungangabazeki, isibonelo sabo esihle nezincwadi ezikhuthazayo kanye nokuvakasha kunomphumela oshukumisayo kulabo manje abacabangela leli lungelo elihle.
Ngakho, njengoba izigidi zeLobukholwa zidangele, oFakazi BakaJehova ‘bayajabula ngokwenama kwenhliziyo.’—Isaya 65:13, 14.
[Ibalazwe ekhasini 30]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Sweden