Ingabe Kudingeka Isimangaliso Ukuze Sibe Nokholo KuNkulunkulu?
U-ALBERT wayesanda kweva eminyakeni engu-20 lapho eqala ukufuna uNkulunkulu. Wazama izinkolo eziningana kodwa wayelokhu enganelisekile. Lapho efunda izingxenye ezithile zeBhayibheli, wathola indlela uNkulunkulu ayesebenzelana ngayo nabantu abanjengoNowa, u-Abrahama, uSara noMose. U-Albert wazithola ekhangwa nguNkulunkulu weBhayibheli. Nokho, ingabe wayengaqiniseka ukuthi uNkulunkulu ukhona ngempela?
Ngolunye usuku kusihlwa u-Albert wahamba ngemoto waya endaweni ethé qekelele lapho akhuleka khona wathi, “Nkulunkulu, ngicela unginike isibonakaliso—noma yini ezongibonisa ukuthi ukhona.” U-Albert walinda ungiyolinda. Ukhumbula ukuthi kwathi lapho kungenzeki lutho, ithemba lakhe “laphenduka laba ukudumala, laba ize, laba intukuthelo.”
Njengo-Albert, abaningi banomuzwa wokuthi baye bafuna uNkulunkulu babuya belambatha. Kungenzeka badidwé yizintshumayelo zabefundisi noma bakhungathekiswe umoya wokuthengisa wabashumayeli bakuthelevishini. Bemangazwe ubuzenzisi obubonakala phakathi kwabaningi bomakhelwane babo, abanye abantu abaqiniseki ukuthi yini okufanele bayikholelwe. Nokho, iNkosi yakwa-Israyeli wasendulo uDavide yaqinisekisa indodana yayo uSolomoni: “Uma umfuna [uNkulunkulu], uyozenza atholwe nguwe.”—1 IziKronike 28:9, qhathanisa ne-NW.
UNkulunkulu uzembula kanjani-ke? Ingabe kufanele ulindele isibonakaliso—isenzakalo esithile esingavamile esiyokubonisa ukuthi uNkulunkulu ukhona? Ngokokuhlola okwenziwe muva nje okubikwe kumagazini i-Time, abantu baseMelika abangaphezu kwezingxenye ezimbili kwezintathu bakholelwa ezimangalisweni. Lesi sihloko saphawula nokuthi “amasonto akhula ngokushesha kakhulu eMelika ngamabandla Elapha Ngokuyisimangaliso nawakaMoya akukhulekela kwawo kugxile ‘ezibonakalisweni nasezimangalisweni.’”
Ingabe ngempela kudingeka umuntu aze abone “izibonakaliso nezimangaliso” ngaphambi kokuba akholelwe kuNkulunkulu? Uye wazisebenzisa izimangaliso esikhathini esidlule. Ngokwesibonelo: USawulu waseTarsu, owayeshushisa abalandeli beNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, wavelelwa yisenzakalo esingavamile endleleni esuka eJerusalema iya eDamaseku. Lokhu kunqwamana ngokuyisimangaliso noJesu ovusiwe kwaholela ekuphendukeni kukaSawulu. (IzEnzo 9:1-22) Kanjalo owayekade engumshushisi waba umphostoli uPawulu—omunye wabameleli bobuKristu abavelele!
Kodwa ingabe ngaso sonke isikhathi izimangaliso zibangela ukusabela okuhle kanjalo? Ingabe ukuba nokholo lwangempela kuNkulunkulu kuxhomeke ekutheni umuntu avelelwe isenzakalo esithile esiyisimangaliso?
[Isithombe ekhasini 3]
INdodana kaNkulunkulu yakhuluma noSawulu waseTarsu ngokuyisimangaliso. Ingabe wena kufanele ulindele isimangaliso?