Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 3/1 k. 32
  • Ubani Olawulayo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubani Olawulayo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 3/1 k. 32

Ubani Olawulayo?

“UBANI obusa izwe?” Uma othile ebengakubuza lowo mbuzo, ubungaphendula kanjani? Iningi labantu benkolo lingase lithi “uNkulunkulu” noma “uJesu.” Isihloko esikuyi-Freeport News, iphephandaba lase-Bahamas, lanikeza impendulo eyayingalindelwa abambalwa.

“Ngathola ipheshana emnyango wami,” kuqala umlobi walesi sihloko. “Ngokuvamile angizishayi mkhuba izinto ezishiywa emnyango, kodwa kulokhu nganquma ukulifunda. Isihloko salo sasinombuzo othi, ‘Ubani Ngempela Obusa Izwe?’” Ngokufunda leli pheshana elisekelwe eBhayibhelini, lona wesifazane wathola ukuthi umbusi walelizwe akuyena uNkulunkulu noma uJesu kodwa uSathane uDeveli.—Johane 12:31; 14:30; 16:11; 1 Johane 5:19.

“Cabanga unya olukhulu ngokwedlulele olubonisa ukungabi naluzwela,” kuchaza leli pheshana. “Abantu baye basebenzisa amakamelo anesisi, amakamu okuhlushwa, izikhali eziciba umlilo, amabhomu enapalm, kanye nezinye izindlela ezimbi ngokushaqisayo ukuze bahluphane futhi babulalane bodwa ngokungenasihe. . . . Yimaphi amandla ashukumisela abantu ukuba benze izenzo ezenyanyeka kangaka noma ababangela ukuba babe sezimweni lapho bezizwa bephoqelekile ukuba benze izenzo zonya olukhulu? Ingabe uke wazibuza yini ukuthi amandla athile amabi, angabonakali athonya abantu ukuba benze izenzo ezinjalo zobudlova?” Ingabe kuyamangaza yini ukuthi iBhayibheli libiza uSathane ngokuthi “unkulunkulu walesisimiso sezinto”?—2 Korinte 4:4.

Ngokujabulisayo, sesisondele isikhathi lapho uSathane namademoni akhe bengeke besaba khona. “Izwe liyadlula kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.” (1 Johane 2:17) Yebo, iBhayibheli lithembisa ukuthi labo abenza intando kaNkulunkulu bayoba nethemba lokuhlala kuze kube phakade ezweni elisha lokulunga. (IHubo 37:9-11; 2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:3, 4) Yeka impumuzo okuyoba yiyo ukususwa kwethonya elibi likaSathane namademoni akhe!

Ngemva kokubeka ngamafuphi okuqukethwe yileli pheshana, umlobi walesi sihloko esikuyi-Freeport News waphetha: “Ngijabula kakhulu ngokuthi ngiye ngalifunda leliya pheshana . . . ngoba nami bengikhathazekile ngesimo salelizwe, nokuthi ubani olawulayo.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela