Ingabe Zonke Ziyizambulo Zaphezulu?
KUNGENZEKA yini ukuthi umoya kaNkulunkulu, owaphefumulela iBhayibheli Elingcwele, yiwona owabangela ukuba kubhalwe nezinye izincwadi abathile abazibheka njengezingcwele? (2 Thimothewu 3:16) Lombuzo waphakanyiswa iphephabhuku lamaJesuit lase-Italy (I-Civiltà Cattolica), elinyatheliswa “ngaphansi kokuqondisa kweHhovisi Likanobhala WoMbuso [Wase-Vatican]” futhi ngenxa yalokho elibhekwa njengelinegunya ezindaweni zamaKatolika.
“UNkulunkulu, ngokusebenza koMoya Ongcwele, wahlwanyela imbewu yeZwi ngisho nasezincwadini ezithile ezingcwele ezingezona ezobuJuda nobuKristu,” kusho leli phephabhuku lamaJesuit. KumaJesuit, izincwadi “ezingcwele,” njenge-Zoroastrian Avesta noma i-Confucian Four Books, azimananga nje “zabhalwa ngaphandle kwethonya elithile loMoya Ongcwele, futhi ngenxa yalokho, ngesilinganiso esithile ziqukethe ‘isambulo saphezulu.’”
Nokho, leli phephabhuku liyacacisa. “Akukhona konke okuqukethwe yilezi zincwadi ezingcwele okuyizwi likaNkulunkulu,” lisho, linezela ngokuthi labo ababhala lezi zincwadi kungenzeka ukuthi babeye “bathonywa isimo sendawo ezungezile sokukholelwa konkulunkulu abaningi noma sefilosofi” ababephila futhi besebenza kuso. NgokukaMarco Politi, umlobi wezindaba zaseVatican wephephandaba lase-Italy i-Repubblica, lenkolelo “ivula amathuba obuhlobo phakathi kweSonto LamaKatolika nezinkolo ezinkulu ezingokomlando okwakungazange kucatshangwe ngabo esikhathini esidlule,” iqalisa umoya wemihlangano yomthandazo wezinkolo ezihlukahlukene njengalowo owawuse-Assisi ngo-1986, owawugqugquzelwa ngentshiseko uJohn Paul II.
UJehova akayena uNkulunkulu wesiyaluyalu nokudideka. (1 Korinte 14:33) Ngakho asinakuphetha ngokufanelekile ngokuthi umoya wakhe ongcwele, noma amandla akhe asebenzayo, ayengaphefumulela ngisho nengxenye yanoma iziphi izincwadi ezingavumelani ngokuphelele neZwi lakhe, iBhayibheli. Kunokuba akhuthaze izindlela zokuhlanganisa wonke amasonto ‘anamasiko enkolo’ ahlukene, umphostoli uPawulu ongumKristu waloba ukuthi kukhona ‘ithemba linye, iNkosi inye, ukholo lunye, ubhapathizo lunye.’—Efesu 4:4, 5.
Lelo ‘themba elilodwa’ lincike ekubeni nokholo kuJesu Kristu. IBhayibheli lisho ngokufanelekile ukuthi: “Ayikho insindiso kunoma ubani omunye, ngoba alikho elinye igama ngaphansi kwezulu elinikwe phakathi kwabantu okumelwe sisindiswe ngalo.” (IzEnzo 4:12) Ayikho enye “incwadi engcwele” eveza uJesu njengomuntu oyinhloko ekugcwalisekeni kwezinjongo zikaNkulunkulu. Uma nje samukela iBhayibheli njengeZwi likaNkulunkulu, lingasifundisa ngelungiselelo lothando likaJehova uNkulunkulu lensindiso.—Johane 17:3; 1 Thesalonika 2:13.