“Pho Liphi Isonto Lenu?”
OFAKAZI BAKAJEHOVA eMozambique bavamile ukubuzwa lombuzo. Ngokungagwegwesi nje, bekulokhu kunzima ukuwuphendula lombuzo kwaze kwaba muva nje. Lokhu kungenxa yokuthi oFakazi BakaJehova bebengaqashelwa ngokomthetho kulelizwe kwaze kwaba ngo-1991. Ngakho, bekungenakwenzeka ukuba nezindawo zokukhulekela abangazigagula.
Nokho, leso simo sashintsha ngo-February 19, 1994. Ngalolo suku, libalele lishisa bhé, kwanikezelwa amaHholo OMbuso amabili okuqala ngqá eMozambique. Kweza ingqikithi yabangu-602 lapho kunikezelwa lezi zindawo zokuhlanganyela ezinhle ezisedolobheni laseBeira elinechweba, cishe maphakathi nogu lwaseMozambique. Zizokhonza izidingo zamabandla amathathu akulelo dolobha.
Umsebenzi uwonke, kusukela ekubekeni isisekelo kuya ekuphothuleni izakhiwo, wathatha unyaka nezinyanga ezimbili zomsebenzi onzima. Kwakuvamile ukuba kufike izisebenzi zokuzithandela ezingu-30 nangaphezulu zivela eZimbabwe engumakhelwane zizosebenza ndawonye noFakazi basendaweni. Njengoba babengenakutholelwa bonke indawo yokulala ekhaya lezithunywa zevangeli eliseBeira, elaliyikomkhulu lemisebenzi, abanye babekanisa ngaphandle kwaleli khaya ngezimpelasonto futhi ngezinye izikhathi kuze kuphele amasonto.
IHholo LoMbuso leBandla LaseMassamba neLaseMunhava lisemgwaqweni omkhulu waseBeira. “Ngosuku olumatasa, lapho umsebenzi wawushesha futhi inqubekela-phambili iphawuleka kakhulu,” kuphawula esinye isithunywa sevangeli, “kwakucishe kudaleke izingozi njengoba abashayeli abadlulayo babegqolozela iHholo LoMbuso, baze bacishe bakhohlwe ukuqondisa amasondo emoto.” Abaningi babema ukuze babukele umsebenzi, futhi kwabahlaba umxhwele ngokukhethekile ukuba khona kwezinhlanga ezihlukahlukene zisebenza ndawonye ngobunye.
Kwakuhileleke ukuhlela okukhulu kulomsebenzi. Ngokungafani neminye imisebenzi eminingi kulengxenye yezwe, lapho izinto zokwakha nezimali kuntuleka khona, umsebenzi walamaHholo OMbuso awuzange umiswe ukusweleka kwezinto zokwakha. Kokunye, kwakudingeka amasaka kasimende angu-800, futhi okuwukuphela kwendawo ayengatholakala kuyo yayingenawo amasaka adingekile okufaka usimende. Abazalwane bathintana nehhovisi legatsha le-Watch Tower Society elisenhloko-dolobha, iMaputo; kwathunyelwa amasaka ngendiza, ayiswa kuleyo nkampani kasimende, futhi agcwaliswa. Umsebenzi waqhubeka ngaphandle kokuthikamezeka.
Kokunye, lapho kufakwa izinhlaka zophahla, izisebenzi zaphelelwa imishayo yensimbi. Ngenxa yokusweleka kwayo kakhulu, insimbi yalomsebenzi yayilandwe kwelinye izwe eliqhele ngamakhilomitha angu-600! Omunye eqenjini lezisebenzi waya kumlisa owayekade ebukela wafike wambuza ukuthi ikhona yini indawo ayaziyo ababengathola kuyo insimbi yokuphothula umsebenzi. Lomlisa waphendula wathi: “Sekuphele isikhathi esingaphezu kwehora ngimi lapha, futhi akunakwenzeka ukuthi kuziqondanele. Angikwazi ukungawuncomi umsebenzi eniwenzayo nogqozi olukulomsebenzi. Lensimbi eniyidingayo iyonanto enginayo, futhi ngingakujabulela ukuninika yona njengesipho.” Kwaba ilungiselelo elifike ngesikhathi ngempela.
Abaningi ababebukele babezibuza ukuthi iyiphi lenkampani enkulu yokwakha eyenza lomsebenzi. Yebo, izisebenzi zazikujabulela kakhulu ukubatshela ukuthi laba ngoFakazi BakaJehova abanikela ngezinkonzo zabo ngokuzithandela. Yini eyayibahlaba umxhwele ngokukhethekile ababebukele? “Ningabantu abanobunye,” kusho omunye. “Ngisho noma niyizinhlanga ezihlukahlukene, nisebenza ndawonye njengezelamani.” Kwaphumela ekubeni abaningi bafike bezocela izifundo zeBhayibheli. Kwaba nethonya nasemihlanganweni. Ngokwesibonelo, isilinganiso sababa khona emihlanganweni eBandleni LaseManga singaphezu kwenani loFakazi liphindwe kabili.
LamaHholo OMbuso amasha aye aba isibusiso ngempela koFakazi basendaweni. Abaningi babekade behlanganela ezindaweni ezisesimweni esiphansi ezifulelwe ngotshani noma ngothayelana, ngemuva egcekeni, noma ekamelweni elincane lomuzi wothile. Babevame ukunethwa lapho lina; noma kunjalo babeba khona ngokwethembeka emihlanganweni. Kwaphela amashumi eminyaka kuwukuphela ‘kwamaHholo OMbuso’ oFakazi baseMozambique abawaziyo lawa. UMfoweth’ uCaetano Gabriel, ongumdala eBandleni LaseMassamba, wathi: “Siyababonga abafowethu emhlabeni wonke ababe nesandla ekufezweni kwalomsebenzi.” Omunye uFakazi osemncane wakhumbula: “Ngenkathi siseCarico (“emakamu okufundiswa kabusha” lapho oFakazi BakaJehova bagqunywa khona iminyaka engaba ngu-12), sasiye sithi, ‘Sizokhuthazela ngokwethembeka, uJehova uzosivuza.’ Leli Hholo LoMbuso elisha liwumvuzo ovela kuJehova.” Amazwi abo azwakalisa ukubonga kwabo okujulile nokuzimisela kwabo ukudumisa uJehova.
Intsha eningi eyahlanganyela emsebenzini wokwakha yangenwa umoya wokuphayona futhi kamuva yangenela inkonzo yamaphayona avamile. U-Isabel osemusha, oyiphayona elivamile eBandleni LaseManga, waphawula njengoba ebuka iHholo LoMbuso elalingahlalwa mpukane ngosuku olungaphambi kolokunikezelwa kwalo: “Kimi, lena indawo enhle kunazo zonke edolobheni laseBeira. Kuyinjabulo enkulu kimi ukuba lapha.” U-Adão Costa, oyisithunywa sevangeli, wachaza ukuthi iziphathimandla zazibambisane kakhulu nabo ngokuvumela izinqubo ezingavamile zokwamukela izimpahla zakwamanye amazwe ngoba zazikuqaphela ukwethembeka koFakazi. Wabe esenezela: “Nakuba sasikhathala kakhulu, kwakuyinjabulo ukubona izithelo zawo wonke lomsebenzi oyisa udumo nenkazimulo kuJehova.”
Manje, noma nini lapho isakhamuzi esinobungane sasedolobheni laseBeira sibuza ukuthi, “Pho liphi isonto lenu?” oFakazi basilayela kwelinye lamaHholo OMbuso amabili amasha futhi baphendule ngamazwi anjengathi, “Liku-International Road, Avenida Acordo de Lusaka, maqondana neSiteshi Samaphoyisa iFourth Squadron.” Khona-ke, belungisa okukodwa nje, bathi, “Ukuthi nje akulona isonto. YiHholo LoMbuso!”
[Ibalazwe/Izithombe ekhasini 20]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
I-AFRIKA
IMOZAMBIQUE
IBeira
IMaputo
[Umthombo]
Map: Mountain High Maps® Copyright © 1995 Digital Wisdom, Inc.