Obani Abayoba Abashumayeli Bevangeli?
EMHLANGANWENI woMkhandlu Wezwe Wamasonto eminyakeni engaba ngu-40 edlule, amalungu anxuswa ukuba “abe nomoya wokushumayela ivangeli” futhi afundise umhlambi wawo ukuba “uhambe ushumayela ivangeli.” Eminyakeni emihlanu kamuva, uJohn A. O’Brien, umfundisi wamaKatolika, wabhala ngesidingo sokuletha abafundi abasha “ngokuya kubo” hhayi ngokumane “sihlale emakhaya ethu.” Futhi ngo-January 1994, uPapa John Paul II wathi “akusona isikhathi sokuba namahloni ngeVangeli, isikhathi sokulishumayela sisophahleni.”
Kubonakala sengathi lezi zimemo zokuba kushunyayelwe ivangeli ezenziwe ngezikhathi ezithile ziye zawela ezindlebeni ezingezwa. Isihloko esasisephephandabeni lase-Australia i-Illawarra Mercury sathi: “AmaKatolika avelele asoGwini oluseNingizimu awazimisele ukusebenzisa indlela yoFakazi BakaJehova enkolweni yawo.” Enye indoda yathi ukushumayela ivangeli kumane nje “akuyona ingxenye yendlela amaKatolika acabanga ngayo.” Omunye wathi: “Kuhle ukuba iSonto lizithuthukise, kodwa hhayi ngokungqongqoza eminyango. Mhlawumbe kungaba ngcono ukuba likwenze ngezikole noma ngokuthumela izincwadi ngeposi.” Ngisho nomholi wesonto lendawo wayengaqiniseki ukuthi angawachaza kanjani amazwi kapapa. “Singabakhuthaza abantu ukuba baphile ngokuvumelana neVangeli abalaziyo,” esho. “Angazi-ke noma lokho kusho ukungqongqoza eminyango yini.” Isihloko salendaba sakufingqa kahle lokhu: “AmaKatolika ngeke akulalele ukunxusa kukaPapa kokuba kushunyayelwe.”
Naphezu kokuhluleka kweLobukholwa ukushumayela ivangeli, oFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi ezinhlanu balalela umyalo kaJesu ‘wokuhamba bayokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.’ (Mathewu 28:19, 20; qhathanisa nezEnzo 5:42.) Umsebenzi wabo wokushumayela endlini ngendlu manje wenziwa emazweni angaphezu kuka-230. Isigijimi abasilethayo singesakhayo, esiqokomisa izithembiso zeBhayibheli ezimangalisayo ngekusasa. Kungani ungakhulumi nabo lapho befika ngesikhathi esizayo?