Umagazini Othinta Inhliziyo
EMHLABENI wonke kunyatheliswa inqwaba yomagazini ukuze kwaneliswe ukulambela komfundi ukwaziswa noma ukuzijabulisa.
Yini eyenza lomagazini osesandleni sakho ukhetheke kangaka? Incwadi elandelayo, eyamukelwa ihhovisi legatsha le-Watch Tower Society eJalimane, ingase inikeze impendulo:
“Ngibonga kakhulu, bafowethu abathandekayo, ngemizamo nomsebenzi wenu. Lapho mina namadodana ami amabili sibuya emhlanganweni, nakuba kwakungu-9:30 ebusuku, kwakufanele nakanjani ngilalele INqabayokulinda yamuva [esekhasethini]. Njengoba ngangigeza izitsha, ngaqala ukulalela isihloko sokuqala esifundwayo (April 1, 1995). Ngaba nomuzwa wokuthi kufanele ngiphinde ngisilalele, ngakho ngayeka umsebenzi wami wasekhishini ngase ngifunda lesi sihloko [“Uyigugu Emehlweni KaNkulunkulu!”] kuyi-Nqabayokulinda ngihambisana nekhasethi. Sathinta inhliziyo yami, ikakhulukazi isigaba sesine nesesihlanu. Kwabe sekugeleza izinyembezi—kodwa akuthathanga isikhathi eside. Ngibonga uJehova ngokuthi ngiyaphila futhi ngingomunye wabantu bakhe nangokuthi mina, kanye nabanye abaningi kangaka, singenza igama lakhe laziwe. Asikho ngempela isizathu sokuba sizizwe singelutho. Umoya kaJehova ukubantu bakhe. Kwangathi sonke singakhuthazela futhi sime siqinile okholweni, simunye. Ngothando lobuKristu, udadewenu okholweni.”
INqabayokulinda inikeza okungaphezu kokwaziswa. Ithinta izinhliziyo zabafundi bayo futhi yanelise isifiso sabo sokondliwa okungokomoya nesesikhuthazo esifika ngesikhathi. Yebo, INqabayokulinda inikeza ‘ukudla ngesikhathi esifanele.’—Mathewu 24:45.