Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w96 9/15 k. 32
  • Ukugcwaliseka Kwesiprofetho SeBhayibheli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukugcwaliseka Kwesiprofetho SeBhayibheli
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
w96 9/15 k. 32

Ukugcwaliseka Kwesiprofetho SeBhayibheli

KUNOMBUKWANE ose-Imperial War Museum eLondon, eNgilandi, wewashi eliyingqayizivele kanye nomshini wokubala. Njengoba leli washi lihamba, lomshini uyaphenduka njalo ngemva kwemizuzwana engu-3,31. Isikhathi ngasinye uphenduka, kunezelwa enye inombolo engqikithini. Ukuphenduka ngakunye, inombolo ngayinye, imelela indoda, owesifazane, noma ingane eye yafa ngenxa yempi phakathi naleli khulu leminyaka.

Lomshini waqala ukubala ngo-June 1989 futhi kulindeleke ukuba uqede phakathi kwamabili ngobusuku obandulela unyaka ka-2000. Ngaleso sikhathi kuyobe kunesibalo sezigidi eziyikhulu kulomshini—isilinganiso senani lalabo abafa ngezizathu eziphathelene nempi kulo lonke leli khulu lama-20.

Cishe eminyakeni engu-2 000 edlule, uJesu Kristu wabikezela isikhathi esasiyophawuleka ‘ngesizwe sivukela isizwe nombuso uvukela umbuso.’ Ngakho, sekuyisikhathi eside oFakazi BakaJehova beshumayela ukuthi izimpi ezicekayo zaleli khulu kanye nokuzamazama komhlaba okuningi, izifo eziwumshayabhuqe, nokuswelakala kokudla, nezinye izehlakalo, sezizonke zinikeza ubufakazi bokuthi siphila “ezinsukwini zokugcina”—inkathi yesikhathi elandela ukumiswa kukaKristu njengeNkosi ezulwini ngonyaka ka-1914.—Luka 21:10, 11; 2 Thimothewu 3:1.

Isebenzisa iBhayibheli njengegunya layo, INqabayokulinda imemezela izindaba ezinhle zokuthi uMbuso kaNkulunkulu ngokushesha uzobhubhisa abacindezeli futhi uguqule umhlaba ube yipharadesi. Futhi kuthiwani ngekusasa lezempi? IBhayibheli lithi: “Wozani nibone izenzo zikaJehova, izincithakalo azenzileyo emhlabeni. Uphelisa ukulwa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.”—IHubo 46:8, 9.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]

Clock: By Courtesy of the Imperial War Museum

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela