Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w96 9/1 k. 32
  • “Ungabaxoshi!”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ungabaxoshi!”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
w96 9/1 k. 32

“Ungabaxoshi!”

“UMA oyedwa, noma ngisho ababili boFakazi BakaJehova, bengqongqoza kwakho, ungabaxoshi!” kululeka i-Corriere della Sera. Leli phephandaba lalibhekisela esenzakalweni esenzeka eTreviso, enyakatho Italy, lapho usomabhizinisi azifaka engozini yokulahlekelwa ama-lire angaphezu kwesigidi (ngaphezu kuka-R2 600), ngenxa yokuxosha oFakazi ababili ababemvakashele.

Ngokwaleli phephandaba, oFakazi ababili bazethula kulendoda ngalamazwi: “Namuhla unosuku oluhle. SingoFakazi BakaJehova, futhi sinokuthile okuyigugu esizokunikeza kona.” Lapho ezwa lokho, losomabhizinisi ongenabungane wavala umnyango, engabavumeli ukuba baqede.

Ukube lendoda yalalela, yayizokuzwa ukuthi oFakazi babeze emzini wayo bezoletha isikhwama sayo semali, ababesithole ebhentshini lasepaki. Ngakho-ke oFakazi akukho ababengakwenza ngaphandle kokuthatha leso sikhwama semali nokwakuphakathi basiyise esiteshini samaphoyisa esiseduze. Ngosuku olulandelayo amaphoyisa asibuyisela kumniniso.

“Ukuba kwakungomunye umuntu owayesesimweni [laboFakazi] ababili abaneshwa ababekuso,” kusho i-Gazzettino di Treviso, “cishe . . . wayeyosigcina isamba esasisesikhwameni semali. Kodwa akubanga njalo ngoFakazi BakaJehova, okumelwe bathembeke ngokuphelele.”

Yini eshukumisa oFakazi BakaJehova ukuba “bathembeke ngokuphelele”? Uthando lwabo ngoNkulunkulu nangomakhelwane, ngokuvumelana nezimfundiso zikaJesu Kristu. (Mathewu 22:37-39) Kungakho futhi oFakazi BakaJehova behamba indlu ngendlu bememezela izindaba ezinhle “ngomhlaba omusha” omangalisayo othenjiswe uJehova uNkulunkulu. Isigijimi esinjalo sethemba sibaluleke ngaphezu kwanoma iyiphi impahla yezinto ezibonakalayo!—2 Petru 3:13.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela