Ukuvakashela IZwe Lesithembiso
AKE sithi umngane wakho ukutshele ukuthi ukuthengele—njengesipho—umuzi omusha shá osendaweni enhle, ethulile. Ubungazibuza, ‘Ubukeka kanjani?’ Ngokungangabazeki ubuyoba magange ukuzibonela ngawakho lomuzi, ukungena uhlole ikamelo ngalinye. Vele leli sekuyikhaya lakho elisha!
Ngo-1473 B.C.E., uJehova wanikeza isizwe sakwa-Israyeli wasendulo ifa eliyikhaya elisha—iZwe Lesithembiso, isiqephu sendawo engaba amakhilomitha angu-500 ukusuka enyakatho kuya eningizimu nelinganiselwa emakhilomitheni angu-55 ububanzi.a Njengoba lisendaweni eye yabizwa ngokuthi iGquma Elivundile, iZwe Lesithembiso laliyindawo okujabulisayo ukuhlala kuyo, ebusiswe ngezici zayo eziyingqayizivele.
Kodwa kungani namuhla kufanele uzikhathaze ‘ngekhaya’ elanikezwa omunye umuntu, ikakhulukazi umuntu owayephila kudala? Ngoba ukwazi ngalelizwe elingokomlando kungathuthukisa ukwazisa onakho ngokulandisa kweBhayibheli. “Ezweni laseBhayibhelini,” kubhala uProfesa Yohanan Aharoni ongasekho, “ukuma kwezwe nomlando kuhlangene kakhulu kangangokuthi akukho okungase kuqondwe ngempela ngaphandle kosizo lokunye.” Ngaphezu kwalokho, esimweni salo esingcono kakhulu iZwe Lesithembiso laliyisibonelo esincane salokho iPharadesi ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu elizokwenzela isintu maduzane nje emhlabeni wonke!—Isaya 11:9.
Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu Kristu wasebenzisa izinto okwakuvamile ukuzibona eZweni Lesithembiso ukuze afundise izifundo eziwusizo. (Mathewu 13:24-32; 25:31-46; Luka 13:6-9) Nathi singafunda okuningi okuwusizo ngokucabangela izici ezithile zePalestina yasendulo. Ake singene kwamanye amakamelo ayo, ngomqondo ongokomfanekiso, sihlole izici ezithile eziphawulekayo zalelizwe elaba ikhaya labantu bakaNkulunkulu amakhulu eminyaka. Njengoba sizobona, kuningi esingakufunda eZweni Lesithembiso.
[Umbhalo waphansi]
a Elithi “iZwe Lesithembiso” kulezi zihloko lisetshenziswe ngombono wangezikhathi zasendulo, njengoba zivezwe eBhayibhelini, futhi akuhileli lokho ezombangazwe/inkolo ekushoyo ngalendawo.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]
Cover: Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
Garo Nalbandian