Abamemezeli BoMbuso Bayabika
‘Kuvuleke Umnyango Omkhulu Oholela Emsebenzini’ ECuba
UMPHOSTOLI uPawulu wayengumshumayeli ophawulekayo wezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Wayesebenzisa wonke amathuba ukuze ahlanganyele nabanye izithembiso zoMdali zokuphila okumi phakade esintwini esilalelayo. Ngenkathi ehambele e-Efesu yasendulo, uPawulu waphawula izimo ezintsha ezazizomenza akwazi ukusiza abantu abengeziwe. Wathi: “Ngizohlala e-Efesu . . . , ngoba ngivulelwe umnyango omkhulu oholela emsebenzini.”—1 Korinte 16:8, 9.
OFakazi BakaJehova eCuba nabo bazithola besezimweni ezintsha. Nakuba bengakabhaliswa ngokomthetho, manje oFakazi sebeyakwazi ukuhlanganyela ithemba labo leBhayibheli nabantu bezwe lakubo ngokukhululekile. Muva nje uhulumeni waseCuba uzwakalise isithakazelo esiqotho sokuvumela amaqembu enkolo ahlukahlukene ukuba asebenze ngokukhululekile. UMongameli uCastro uye wakusho obala ukuthi oFakazi BakaJehova bayiqembu lenkolo uhulumeni waseCuba manje osunobuhlobo obuthuthukile nalo.
Lesi simo esisha siye savulela oFakazi “umnyango omkhulu oholela emsebenzini.” Ngokwesibonelo, muva nje oFakazi BakaJehova bavule ihhovisi eCuba, elibasiza ukuba baqondise umsebenzi wabo wokushumayela kulelozwe. OFakazi abangaphezu kuka-65 000 basiza abantu ukuba batadishe futhi baqonde iBhayibheli. Basebenzisa izincwadi zeBhayibheli, ezinjengomagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Abantu abaningi baseCuba abathambekele ekulungeni bayazuza ekutadisheni iBhayibheli noFakazi BakaJehova.
OFakazi baqhuba nemihlangano yasikhathi sonke ngamaqembu amancane kuso sonke lesi siqhingi. Ngezinye izikhathi bajabulela ngisho nelungelo lokuba nemihlangano emikhudlwana ngamaqembu abangaba ngu-150. Bayazisa ngempela imvume abayitholile kuziphathimandla zaseCuba, ebanikeza ithuba lokubuthana nabafowabo nodadewabo abangokomoya, bahlabelelele uNkulunkulu izindumiso, futhi bathandaze ndawonye.
Muva nje uMhlangano Wesigodi “Wokwesaba UNkulunkulu” uqhutshwe izikhathi ezingaphezu kuka-1 000 phakathi nezimpelasonto ezintathu kuphela. Omunye umbiko uthi “ukuhleleka, ukuziphatha kahle, nokuthula” kwakubonakala kuyo yonke lemihlangano. Iziphathimandla zabahalalisela oFakazi ngalokhu.
Emhlabeni wonke, amaKristu eqiniso azama ukufeza umyalo awunikezwe uNkulunkulu wokuba ashumayele izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Ngesikhathi esifanayo, azama ukugcina ubuhlobo obunokuthula neziphathimandla zohulumeni. (Thithu 3:1) OFakazi BakaJehova balandela iseluleko somphostoli uPawulu, owabhala: “Ngakho-ke okokuqala kukho konke, ngikhuthaza ukuba ukunxusa, imithandazo, ukuncengela, ukubonga, kwenziwe ngokuphathelene nazo zonke izinhlobo zabantu, ngokuphathelene namakhosi nabo bonke labo abasesikhundleni esiphakeme; ukuze siqhubeke siphila ukuphila okuzolile nokunokuthula ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu okuphelele nokuthatha izinto ngokungathi sína.”—1 Thimothewu 2:1, 2.