Owayekade Eyijaji Uyaxolisa—Ngemva Kweminyaka Engu-45
ENKANTOLO yaseBerlin, ngo-August 1995, owayekade eyijaji laseNkantolo Ephakeme watshela omunye woFakazi BakaJehova ukuthi uyazisola ngobubi abenza eminyakeni engu-45 edlule.
Ngo-October 1950, iNkantolo Ephakeme yaseGerman Democratic Republic (GDR) yalahla oFakazi BakaJehova abangu-9 ngecala lokubangela isiyaluyalu esimelene nohulumeni nobunhloli. Ababili bagwetshwa ukudilikelwa ijele, kwathi abanye abangu-7—kuhlanganise noLothar Hörnig owayeneminyaka engu-22, ummangalelwa wesine ukusuka ngakwesokudla esithombeni—banikezwa izigwebo ezinde ejele.
Eminyakeni engu-40 kamuva, iGDR yaba ingxenye yeFederal Republic of Germany. Kusukela ngaleso sikhathi izikhulu ziye zaphenya ezinye zezenzo zokungabi nabulungisa ezenziwa eGDR yangaphambili futhi zazama ukuqondisa izigwegwe zalabo abanecala. Esinye isenzo esinjalo sokungabi nabulungisa sasiyicala laseNkantolo Ephakeme loFakazi ngo-1950.
U-A. T., oseneminyaka engu-80, wayengelinye lamajaji amathathu akhipha isigwebo ecaleni lalaboFakazi abangu-9. Njengoba ayesebekwe icala lokuhlanekezela ubulungisa, wavela phambi kweNkantolo Yesifunda eBerlin ukuze achaze ngesinqumo asenza.
Esitatimendeni asenza enkantolo, lona owayekade eyijaji wavuma ukuthi wayevotele isinqumo sokuba balahlwe yicala eminyakeni engu-45 edlule, nakuba ayesekela izigwebo ezithambile. Kodwa leli cala lalimenze wacabanga kabusha. Ngani? Phakathi nempi yezwe yesibili oFakazi BakaJehova babeshushiswa amaNazi ngenxa yokuthi babenqaba ukusekela uHitler. Ngemva kwempi oFakazi baphinda bashushiswa, kulokhu sekungumbuso wamaKhomanisi. Lokhu kwabangela ijaji ukuba ‘lidabuke kakhulu.’
ULothar Hörnig watshela inkantolo ukuthi wabhadla iminyaka emihlanu nengxenye evalelwe yedwa futhi akazange akhululwe ejele laseBrandenburg kwaze kwaba ngo-1959. Lapho ezwa isitatimende sikaHörnig lona owayekade eyijaji wakhala izinyembezi. “Ngixolisa kakhulu,” esho ngesilokozane. “Ngicela ungixolele.” UHörnig wawamukela lamazwi okuxolisa.—Qhathanisa noLuka 23:34.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
Neue Berliner Illustrierte