Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w96 6/1 k. 8
  • “Imiyalo Yakho Yonke Iyiqiniso”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Imiyalo Yakho Yonke Iyiqiniso”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Zalotshelwa Ukuba Kufundiswe Thina”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Funda IZwi LikaNkulunkulu Futhi Umkhonze Ngeqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Ukuzuza Ekufundeni IBhayibheli Nsuku Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Landela Isibonelo Samakhosi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
w96 6/1 k. 8

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

“Imiyalo Yakho Yonke Iyiqiniso”

NGAPHAMBI nje kokufa kwakhe, uMose wakhuthaza abantu bakwa-Israyeli ukuba balalele ngamunye wemiyalo kaJehova. Wathi: “Bekani inhliziyo yenu kuwo onke amazwi engiwafakazela kini namuhla, eniyakuyala ngawo abantwana benu ukuba baqaphele ukuwenza amazwi onke alomthetho. Ngokuba akusiyo into eyize kini; lokho kungukuphila kwenu.”—Duteronomi 32:46, 47.

Emakhulwini amaningi eminyaka kamuva, umhubi waqokomisa ukubaluleka kwazo zonke izimfundiso zikaNkulunkulu lapho ethi: “Wena-Jehova useduze; imiyalo yakho yonke iyiqiniso.” (IHubo 119:151) Ekhulwini lokuqala, uJesu ngokwakhe wakhuluma ngokubaluleka kwawo “wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.” (Mathewu 4:4) Futhi ngaphansi kokuqondisa kukaNkulunkulu umphostoli uPawulu wabhala ukuthi “yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo.”—2 Thimothewu 3:16.

Ngokusobala, uJehova uNkulunkulu ulindele ukuba abakhulekeli bakhe basicabangele ngokungathi sína sonke isigijimi esidluliselwa kithi ngamakhasi eZwi lakhe. Ayikho neyodwa indima eBhayibhelini engenakho ukubaluleka. Yileyo ndlela oFakazi BakaJehova abazizwa ngayo ngeZwi likaNkulunkulu, njengoba kuboniswa okuhlangenwe nakho okulandelayo okuvela eMauritius.

UMnu. D—— wayehlala edolobhaneni elikude, lapho ayengunogada khona. Kwase kuyisikhathi eside efuna ngobuqotho indlela efanele yokukhulekela uNkulunkulu. Waqala ukufunda iBhayibheli lapho egadile ebusuku. Wagcina eselifunde lonke. Wafunda ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova—igama elivela izikhathi eziningi eBhayibhelini lakhe lesiHindi. Wathola incwadi yesAmbulo ithakazelisa kakhulu.

Khona-ke wabe esezibuza ukuthi ikhona yini inkolo elandela lonke iBhayibheli. Waphawula ukuthi izinkolo ayezijwayele, okungenani, zazimane zilandela izingxenye ezithile zeBhayibheli. Ezinye izinkolo zazamukela imiBhalo YesiHeberu futhi zenqaba imiBhalo YamaKristu YesiGreki. Ezinye zazingayinaki imiBhalo YesiHeberu, zibheka imiBhalo YamaKristu YesiGreki kuphela njengebalulekile.

Ngolunye usuku uMnu. D—— wabona umbhangqwana othile unetha emvuleni wabe esewubiza ukuba uzokhosela kwakhe. Lombhangqwana wawungoFakazi BakaJehova. Unkosikazi wayephethe incwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!a Ngokushesha uMnu. D—— wacela lencwadi. LaboFakazi baba nomuzwa wokuthi ukwaziswa okumayelana nesiprofetho sesAmbulo kwakujule kakhulu kuye, ngakho bamnikeza enye incwadi esikhundleni sayo. Kodwa uMnu. D—— wagcizelela ukuthi ufuna incwadi ethi IsAmbulo.

Lapho ethola ikhophi yakhe, wayifunda ngokushesha. Ngemva kwalokho wavuma ukuba nesifundo seBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngokushesha wahlatshwa umxhwele iqiniso lokuthi oFakazi balibheka njengelibalulekile lonke iBhayibheli. Waqala ukuba khona njalo emihlanganweni eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova, lapho kokubili imiBhalo YesiHeberu nemiBhalo YamaKristu YesiGreki itadishwa khona ngokucophelela. Manje ungummemezeli woMbuso nelungu lebandla lobuKristu elibhapathiziwe.

[Umbhalo waphansi]

a Enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela