Bawatholaphi Amandla Abanawo?
UMA ubhekisisa uvemvane olukulesi sithombe, uzophawula ukuthi olunye lwezimpiko zalo ezine alusebenzi nhlobo. Nakuba kunjalo, lolu vemvane luyaqhubeka luzondla futhi lundiza. Lesi akusona isimo esingavamile. Izimvemvane ziye zabonwa zenza imisebenzi yazo yansuku zonke kuyilapho amaphesenti angu-70 ezingxenye ezingaphezulu zezimpiko zazo engekho.
Abantu abaningi babonisa isimo esifanayo sokuzimisela. Nakuba benezinkinga ezinzima ezingokomzimba noma ezingokomzwelo, abayeki.—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 4:16.
Umphostoli uPawulu ngokwakhe wakhuthazelela ubunzima obukhulu phakathi nohambo lwakhe lwezithunywa zevangeli. Wabhambabulwa, washaywa, wajikijelwa ngamatshe, futhi waboshwa. Ngaphezu kwalokho, wayenohlobo oluthile lokukhubazeka, mhlawumbe inkinga yamehlo, eyayilokhu ‘iyiva enyameni’ kuye.—2 Korinte 12:7-9; Galathiya 4:15.
Umdala ongumKristu okuthiwa uDavid, owalwa nezikhathi zokucindezeleka okukhulu iminyaka eminingi, ukholelwa ukuthi amandla kaJehova ayebalulekile ukuze alulame. “Ngokuphindaphindiwe, intuthuko engangiyifinyelele kanzima yayibonakala inyamalala,” echaza. “Lapho ngibhekene nokudumazeka okunjalo, ngangiziphonsa kuJehova, futhi wayengisekela ngempela. Kunezikhathi lapho ngangithandaza khona amahora amaningi ngesikhathi. Lapho ngikhuluma noJehova, imizwa yami yesizungu nokungabi yilutho yayinyamalala. Ngiye ngazabalaza phakathi nenkathi yobuthakathaka obukhulu, kodwa ngosizo lukaJehova, kulobu buthakathaka kuye kwavela amandla—ngisho namandla okusiza abanye.”
UJehova uNkulunkulu waqinisa uPawulu. Ngakho-ke, wayengathi: “Lapho ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla.” (2 Korinte 12:10) Yebo, ubuthakathaka bukaPawulu bamfundisa ukuba athembele emandleni avela kuNkulunkulu. “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo odlulisela amandla kimi,” kusho umphostoli. (Filipi 4:13) Ngokuqinisekile uJehova uyazinika amandla izinceku zakhe.