Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w96 4/15 k. 32
  • “Liwumsebenzi KaJehova”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Liwumsebenzi KaJehova”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
w96 4/15 k. 32

“Liwumsebenzi KaJehova”

Leso kwakuyisihloko sendaba eyayisephephandabeni i-El Norte, laseMonterrey City, eMexico. Lesi sihloko sasikhuluma ngeHholo Lomhlangano elisha loFakazi BakaJehova.

IMonterrey iyidolobha elinabantu abangu-2 300 000 (kuhlanganise nezindawo ezisemaphethelweni alo) elisenyakatho yeMexico, futhi inabamemezeli boMbuso abangu-19 200. Cishe isikhathi esingangonyaka nengxenye, oFakazi babambisana ekwakheni iHholo Lomhlangano elihle neliwusizo elinezihlalo ezinethezekile ezingu-3 000 nesimiso sokulawula izinga lokushisa. OFakazi bakulendawo bajabula lapho ilungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova linikeza inkulumo yokunikezela. Isimiso sasihlanganisa nomlando omfushane womsebenzi waseMonterrey, futhi kwaxoxwa nalabo abahlanganyela ekwakheni. Khona-ke abangu-4 500 ababekhona kulomhlangano bajabulela inkulumo yokunikezela.

Leli ngelesithathu kumaHholo Omhlangano amuva nje aye akhiwa eMexico kulokho okuye kwachazwa ngokuthi umkhankaso ‘WamaHholo OMbuso NamaHholo Omhlangano Engeziwe, Amakhudlwana Nangcono.’

Njengoba kunabamemezeli abangaphezu kuka-443 000 eMexico, nenani elingu-1 492 500 lababekhona eSikhumbuzweni ngo-1995, amaHholo Omhlangano amasha, njengaleli laseMonterrey, ngokuqinisekile azofeza injongo yaphezulu.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela