Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w96 4/1 k. 31
  • Ukholo Lwamshukumisela Ukuba Athathe Isinyathelo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukholo Lwamshukumisela Ukuba Athathe Isinyathelo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
w96 4/1 k. 31

Ukholo Lwamshukumisela Ukuba Athathe Isinyathelo

LAPHO uJehova ejuba uMose ukuba ahole isizwe sakwa-Israyeli asikhiphe ebugqilini baseGibithe, uMose waqale wacela ukuba ayekwe, ethi: “Nkosi, angizange ngibe-ngumuntu oyiqaphuqaphu, nakuqala namanje lapho usukhulumile encekwini yakho, ngokuba umlomo wami unzima, unamalimi.” (Eksodusi 4:10) Yebo, uMose wayezizwa engasifanelekeli isabelo esisinda kangaka.

Ngokufanayo namuhla, izinceku zikaJehova eziningi ngezinye izikhathi zizizwa zingafaneleki ukufeza imisebenzi eziyabelwe. Ngokwesibonelo, omunye umbonisi ongumKristu okuthiwa uTheodore uyalandisa: “Into enzima kakhulu kuzo zonke izinto uJehova angicela ukuba ngizenze, inkonzo yasensimini. Lapho ngisemncane, ngangiqonda emnyango wendlu ngishesha, ngishaye sengathi ngiyangqongqoza, bese ngiyanyenya ngihambe, nginethemba lokuthi akekho owayengizwa noma owayengibona. Njengoba ngikhula, ngayeka ukwenza lokho, kodwa umcabango wokuya endlini ngendlu wawungigulisa ngokoqobo. Ngisho nanamuhla, ngiba nesicanucanu ngaphambi kokuphuma ngiye enkonzweni, kodwa ngiyaya nakuba kunjalo.”

Yini eyenza uMose noFakazi bosuku lwanamuhla abanjengoTheodore bakwazi ukubhekana nokwesaba okunjalo? IBhayibheli liyaphendula: “Ngokholo [uMose] washiya iGibithe, . . . ngoba waqhubeka egxilile sengathi uyambona Lowo ongabonakali.”—Heberu 11:27.

Ngempela, ngokubonisa ukholo kuJehova, uMose wakwazi ukunqoba imizwa yakhe yokungafaneleki nokufeza imisebenzi ayeyabelwe njengomahluleli, umprofethi, umholi wesizwe, umlamuleli wesivumelwano soMthetho, umlawuli wamabutho, isazi-mlando, nomlobi weBhayibheli.

Ngendlela efanayo, lapho sinokholo olufana nolukaMose, siyohamba njengokungathi ‘siyambona Lowo ongabonakali.’ Ukholo olunjalo lunikeza isibindi, lusenze sikwazi ukusingatha imithwalo yethu yemfanelo yobuKristu—ngisho nalapho singase sizizwe singafaneleki.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela