‘Ingabe UNkulunkulu Unendaba Nami?’
“INGABE Unendaba Nami? Ingabe UNkulunkulu Uyangikhathalela?” Sasifundeka kanjalo esinye isihloko sendaba eyayikuyi-Christianity Today. “Ingxenye enkulu yomsebenzi wami njengombhali iye yagxila enkingeni yobuhlungu,” kusho uPhilip Yancey, umlobi walendaba. “Ngilokhu ngiphindela emibuzweni efanayo, njengokungathi ngithinta inxeba elidala elingafuni ukuphola. Ngizwa okushiwo abafundi bezincwadi zami, futhi izindaba zabo ezidabukisayo ziqinisekisa ukungabaza kwami.”
Mhlawumbe nawe uye wazibuza ngesithakazelo sikaNkulunkulu ekuphileni kwakho. Yebo, kungenzeka ujwayelene noJohane 3:16, othi “uNkulunkulu walithanda izwe kakhulu kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa.” Noma kungenzeka uye wafunda uMathewu 20:28, othi uJesu wezela ‘ukunikela umphefumulo wakhe ube isihlengo esenana abaningi.’ Noma kunjalo ungase ubuze, ‘Ingabe uNkulunkulu uyangiqaphela mina? Ingabe uyangikhathalela njengomuntu ohlukile?’ Kunesizathu esihle sokukholelwa ukuthi uyakukhathalela, njengoba sizobona.