Ingabe Usindisiwe?
UJOHNNY wayeneminyaka eyishumi ubudala lapho emiswa indoda ethile komunye umbukiso futhi imbuza: “Nsizwa, uyamamukela uJesu Kristu njengeNkosi noMsindisi wakho?” KuJohnny lokhu kwazwakala kuwumbuzo oyinqaba, njengoba ayekholelwa kuJesu selokhu kwathi nhló. Ngakho waphendula, “Yebo ngiyamamukela.” “Mayidunyiswe iNkosi!” kumemeza lendoda ukuze kuzwe wonk’ umuntu. “Nanku omunye umphefumulo osusindiselwe uKristu!”
Ingabe ukusindiswa kulula kangako ngempela? Ingabe uJohnny ‘wasindiswa’ ngomzuzu asho ngawo lawo mazwi, kungakhathaliseki ukuthi wayeyokwenzani kukho konke ukuphila kwakhe? Abantu abaningi abaqotho bangaphendula ngoyebo. Amanye amapheshana enkolo athi lubhale phansi usuku ‘owasindiswa’ ngalo ukuze ulukhumbule.
Omunye umfundisi wabhala ukuthi “ngomzuzu umuntu akholwa ngawo kuKristu . . . isiphetho sakhe sinqunywa ngokungenakuguquka.” Wathi iBhayibheli lithi insindiso ixhomeke ‘esenzweni sokholo esisodwa esenziwa kanye, hhayi ekuqhubekeni kokholo.’ Omunye umlobi wenkolo wabhala: “Lona umsebenzi osuqediwe. Kakade usufezelwe wona . . . ‘Impi yakho isiphelile.’ ‘Isono sakho sesisusiwe.’” Kodwa ngisho nabantu abaqinisekayo ukuthi lokhu kuyiqiniso bangase babone inkinga kukho. Kusobala ukuthi abantu abaningi abaye batshelwa ukuthi ‘basindisiwe’ abaphili ngendlela iBhayibheli elithi kufanele baphile ngayo. Ngokuvamile kuthiwa mhlawumbe bebengazange ‘bamamukele’ ngempela uKristu.
Ngakho, kusho ukuthini ngempela “ukwamukela” uJesu? Ingabe kuyisenzo sokholo esenziwa kanye, noma ingabe kuyindlela yokuphila eqhubekayo? Kumelwe yini esikukholelwayo kube namandla ngokwanele ukuba kusishukumisele esenzweni? Singazamukela ngempela yini izinzuzo zomhlatshelo kaJesu ngaphandle kokuba nomthwalo wemfanelo wokumlandela?
Abantu abaningi bafuna izibusiso kodwa abawufuni umthwalo wemfanelo wokulandela nokulalela uJesu. Eqinisweni, igama elithi “lalela” livame ukubaphazamisa. Nokho, uJesu wathi: “Uze ube umlandeli wami.” (Luka 18:18-23) Futhi iBhayibheli lithi: “Labo abangazilaleli izindaba ezinhle ezimayelana neNkosi yethu uJesu . . . bayothola isijeziso sokwahlulelwa esiwukubhujiswa okumi phakade.”—2 Thesalonika 1:8, 9; Mathewu 10:38; 16:24.
IBhayibheli lisho izinto eziningi eziphakamisa imibuzo ebalulekile mayelana nalokho okuye kwafundiswa ngensindiso. Uma ungathanda ukuqiniseka ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngempela ngalendaba, uzothola amakhasi alandelayo ethakazelisa kakhulu. Vula iBhayibheli lakho, ufunde imibhalo ekhonjiwe ukuze ubone lokho uJesu nabaphostoli bakhe abakufundisa ngalendaba enohlonze.