Ingabe Ukuthula Kungaba Khona?
“KUYOHLALE kunempi endaweni ethile. Lelo iqiniso elidabukisayo ngesintu.” Lombono wokungabi nathemba usanda kuvela encwadini evela kumfundi othile kumagazini i-Newsweek. Uyavumelana yini nawo? Ingabe impi ayinakugwenywa futhi ukuthula akunakuba khona? Uma sinquma ngokubheka umlando, siyaphoqeleka ukuphendula ngoyebo kuyo yomibili lemibuzo. Selokhu ukugcinwa komlando kwaqala, isintu siye sangena shí ochungechungeni lwezimpi, futhi izimpi ziye zabhubhisa ngokwengeziwe njengoba abantu bethola izindlela eziphumelela kakhudlwana zokubulalana.
Ikhulu lama-20 alizange lihluke. Ngempela, liye laba nezimpi ezibulala abantu abaningi kunanini ngaphambili, kodwa futhi liye laba nokuthile okusha. Eminyakeni engu-50 edlule i-United States yaqala inkathi yenuzi ngokuphonsa amabhomu amabili e-athomu eJapane. Kuleminyaka engu-50 kusukela ngaleso sikhathi, izizwe ziye zakha izindawo ezinkulu zokugcina izikhali zenuzi ezingabhubhisa isintu ngokuphindaphindiwe. Ingabe ukuba khona kwezikhali zenuzi ekugcineni kuyokwenza abantu besabe ukulwa? Amaqiniso anikeza impendulo. Kusukela ngo-1945 kuye kwafa izigidi eziningi ezimpini—nakuba kungekho mabhomu enuzi aye asetshenziswa kuze kube manje.
Kungani uhlanga lwesintu luthanda impi kangaka? I-Encyclopedia Americana iphawula ezinye zezici zomphakathi wesintu umlando obonisa ukuthi ziye zaholela empini. Zihlanganisa ukungabekezelelani okungokwenkolo, ubuhlanga, ukuhlukana kwamasiko, imibono engafani (njengobuKhomanisi nesimiso sokuhweba ngokukhululekile), ubuzwe nemfundiso yobubusi bezwe, izimo zezomnotho, nokwamukelwa kwempi okuthandwayo. Lapho ufunda lolohlu, ingabe kukhona okubonayo okungase kushintshe esikhathini esizayo esiseduze? Ingabe ukuzimisela kwezizwe ukulondoloza ububusi bazo kuzoncipha? Ingabe ukubandlululana kwabantu ngokohlanga kuzoncipha? Ingabe ukushiseka ngokungenangqondo kwamalungu enkolo kuzoncipha? Awekho amathemba okuthi lokhu kuzokwenzeka.
Khona-ke, ingabe alikho nhlobo ithemba lokuthi ngolunye usuku izinto ziyoba ngcono futhi kube nokuthula okuhlala njalo? Yebo, ithemba likhona. Naphezu kwesiyaluyalu salelizwe, kungenzeka ngisho nanamuhla ukuthola ukuthula. Izigidi ziye zakuthola. Ake sikutshele ngabambalwa balaba bantu futhi sibone lokho okuhlangenwe nakho kwabo okungase kukusho kuwe.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]
Background cover and page 32: Reuters/Bettmann
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
Reuters/Bettmann