Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 12/1 k. 32
  • Ungafukameli Ukucasuka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungafukameli Ukucasuka
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 12/1 k. 32

Ungafukameli Ukucasuka

KUNGASE kubonakale kuyinselele ngokwengeziwe kunanini ukugwema ukucasuka lapho othile esona. IBhayibheli lineseluleko esiwusizo ezimweni ezinjalo. “Thukuthelani,” kubhala umphostoli uPawulu, “kodwa nokho ningoni; ilanga malingashoni nisesimweni sokucasuka.”—Efesu 4:26.

Lapho othile esona, kumane nje kungokuvamile ukuba nomuzwa othile wokuthukuthela. Ukuthi uPawulu uthi “thukuthelani” kubonisa ukuthi intukuthelo ingase ibe ngefanele ngezinye izikhathi—mhlawumbe lapho usabela empathweni engafanele noma lapho kungenziwa ubulungisa. (Qhathanisa neyesi-2 Korinte 11:29.) Kodwa ngisho nentukuthelo enesizathu esizwakalayo, lapho ishiywa ingaxazululiwe, ingaba nemiphumela eyinhlekelele iholele esonweni esingathi sína. (Genesise 34:1-31; 49:5-7; IHubo 106:32, 33) Ngakho-ke, yini ongayenza lapho uzizwa uthukuthelisiwe?

Ezimweni eziningi ezihilela iziphambeko ezincane, ungase ulungise isimo enhliziyweni yakho bese ‘uthula’ noma uye kulowo okonile futhi nixoxe ngaleyo ndaba. (IHubo 4:4; Mathewu 5:23, 24) Noma yikuphi, kungcono kakhulu ukuxazulula inkinga ngokushesha ukuze kungandi ukucasuka futhi kuveze imiphumela emibi.—Efesu 4:31.

UJehova uthethelela izono zethu ngokukhululekile, ngisho nezono esizenza singaqaphele ngenxa yokuntula ulwazi. Ngeke yini nathi ngokufanayo sithethelele isiphambeko esincane somuntu esiphila kanye naye?—Kolose 3:13; 1 Petru 4:8.

Ngokuthakazelisayo, igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “thethelela” ngokwezwi nezwi lisho ukuthi “dlulisa.” Ukuthethelela akudingi ukuba sibululaze ububi noma sibuthathe njengobamukelekayo. Ngezinye izikhathi kungase nje kuhilele ukudlulisa leso simo, uqaphela ukuthi ukufukamela ukucasuka kuyomane nje kukwandisele umthwalo futhi kuphazamise ubunye bebandla lobuKristu. Ngaphezu kwalokho, ukufukamela ukucasuka kungayilimaza impilo yakho!—IHubo 103:9.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela