Abamemezeli BoMbuso Bayabika
‘Yenza Umsebenzi Womvangeli’
KUSHO ukuthini ukuba umvangeli? Leli gama lihunyushwe kwelesiGreki elithi eu·ag·ge·li·stesʹ, elihlobene ngokuseduze negama elithi eu·ag·geʹli·on, elisho “izindaba ezinhle.” Ngakho-ke, umvangeli umshumayeli, noma isithunywa sezindaba ezinhle.
Wonke amaKristu eqiniso angabavangeli ngoba amemezela izindaba ezinhle ngoMbuso kaNkulunkulu. Ngokufanelekile, umphostoli uPawulu wayala uThimothewu ukuba “enze umsebenzi womvangeli.” UThimothewu kwakumelwe athathe lomsebenzi ngokungathi sína. UPawulu wamnxusa ukuba ‘ahlale esangulukile kuzo zonke izinto’ futhi ‘ayifeze ngokugcwele inkonzo yakhe.’—2 Thimothewu 4:5.
Njengabavangeli nathi sithatha inkonzo yethu ngokungathi sína futhi ‘sihlala sisangulukile,’ noma sihlala sikuphaphamele ukuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye ngawo wonke amathuba. Kanjalo abaningi bathole ukwazi uJehova nezithembiso zakhe ngemva kokuthintwa oFakazi BakaJehova ngokwethukela. Yilokho okwenzeka kuSeymore, indoda yaseBarbados.
USeymore wayewuthisha esikoleni somphakathi. UCharles, uthisha osebenza ingxenye yosuku kuso lesi sikole futhi ongomunye woFakazi BakaJehova, wayewumvangeli ophapheme. Wayeyisikhonzi sesikhathi esigcwele, noma iphayona, futhi esebenzisa wonke amathuba ukuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye. USeymore wezwa isigijimi soMbuso ngokokuqala ngqá ngokushumayela ngokwethukela kukaCharles.
Ngokushesha noSeymore wazimisela ukuhlanganyela amaqiniso eBhayibheli nabaningi ngangokunokwenzeka. Ngakho waqala izingxoxo ngokwethukela nabantu lapho esebenza khona, ikakhulu izingane azifundisayo. Nakuba kwamanye amazwe kungamelwe kufundiswe ezenkolo ezikoleni zomphakathi, lendoda yayabelwe ukufundisa izindinganiso zenkolo nezokuziphatha. Kodwa manje imibono kaSeymore yangaphambili mayelana nalezi zindaba yayisithathelwe isikhundla ulwazi lweBhayibheli ayesanda kuluthola. Ngezikhathi zekhefu, wayekhuluma nezingane azifundisayo ngesithembiso sikaNkulunkulu sezwe elisha nangethemba lokuphila okumi phakade.
Zasabela kanjani izingane? Iningi labonisa isithakazelo esiqotho ezindabeni ezinhle zoMbuso kaJehova. Ngokuhamba kwesikhathi, uSeymore waqala ukuqhuba izifundo zeBhayibheli nezingane ezingu-13 kwazifundisayo. Isithakazelo sazo sasisikhulu kangangokuba bahlela ukutadisha iBhayibheli kabili ngesonto. Ekugcineni iningi lazo laqala ukuya emihlanganweni yobuKristu eHholo LoMbuso lendawo loFakazi BakaJehova. Okwamanje ezingu-9 zazo ziye zaba oFakazi BakaJehova abazinikezele nababhapathiziwe. USeymore yena, manje ufeza inkonzo yakhe ngokugcwele ngokukhonza njengephayona elivamile nanjengomdala kwelinye lamabandla oFakazi BakaJehova eBarbados.
Lokhu kumane nje kungesinye sezibonelo zendlela oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke ‘abenza ngayo umsebenzi wabavangeli,’ ngokwengxenye ngokuhlanganyela ekushumayeleni ngokwethukela. Balandela isiyalo seBhayibheli esitholakala kweyabaseKolose 4:5, 6, esithi: “Qhubekani nihamba ngokuhlakanipha ngakulabo abangaphandle, nizithengisisele ithuba. Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa, ayoliswe ngosawoti, ukuze nazi ukuthi kufanele nimphendule kanjani umuntu ngamunye.”