Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 11/15 k. 31
  • “Ningaboshelwa Ngokungalingani Ejokeni”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ningaboshelwa Ngokungalingani Ejokeni”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 11/15 k. 31

“Ningaboshelwa Ngokungalingani Ejokeni”

IZINKABI ezimbili eziboniswe lapha zinamandla amakhulu, azenza zikwazi ukudonsa umthwalo osindayo kalula. Kodwa ake sithi esikhundleni senye yalezi zinkabi kufakwa imbongolo. Njengoba imbongolo incane futhi inamandla amancane kunenkabi, cishe iyodlubulunda ngokukhahlela izinduku eboshelwe ngazo kuleli joka elingalingani. Khona-ke, kungesizathu esihle umthetho kaNkulunkulu ku-Israyeli wawuthi: “Awuyikulima ngenkabi iboshelwe kanye nembongolo.”—Duteronomi 22:10.

Umphostoli uPawulu wabhala okuthile okufanayo ngokuphathelene nabantu. Wathi: “Ningaboshelwa ngokungalingani ejokeni nabangewona amakholwa.” (2 Korinte 6:14) Lokhu kufanele kukhunjulwe ikakhulukazi lapho kukhethwa umngane womshado. Umshado uyisivumelwano sokubambisana esihlala njalo, ngoba uJesu Kristu wathi: “Lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye ejokeni makungahlukaniswa muntu.” (Mathewu 19:6) Kuba nokukhathazeka okukhulu lapho umbhangqwana oshadile unezinkolelo, izimiso nemigomo engafani. Ngakho-ke kumane nje kunengqondo ukulandela isiyalo seBhayibheli sokushada “kuphela eNkosini.” (1 Korinte 7:39) Ukungenela umshado nomuntu ongenazo izinkolelo ezingokwenkolo ezifana nezakho kungabangela inkinga enkulu nangokwengeziwe kunokubophela inkabi nembongolo ejokeni.

Ukuhluka ezinkolelweni ezingokwenkolo kumane nje kungesinye sezici esingabangela ukuba umbhangqwana ube oboshelwe ngokungalingani ejokeni. Labo abazoba abangane bomshado—ngisho nabanenkolo efanayo—bayobe benza kahle ukubuza, ‘Ingabe sinemigomo efanayo? Sizohlalaphi? Ubani ozonakekela uhlelo lokusetshenziswa kwemali? Ingabe sobabili sizosebenza? Kuthiwani ngabantwana? Ingabe umusa nokucabangelana kuzobusa lobo buhlobo?’

Ngezinga elithile, indlela okuxoxwa ngayo izindaba ezinjalo ingabonisa ukuthi ijoka liyoba elilinganayo yini noma elingalingani. Yiqiniso, abekho abantu ababili abafanelana ngokuphelele. Nokho, ngokuvamile uma umbhangqwana oqomisanayo ukwazi ukubhekana nezinkinga futhi uzixazulule ndawonye, futhi uma ukwazi ukugcina imizila yokukhulumisana ivulekile, cishe ngeke ube ngoboshelwe ngokungalingani ejokeni.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela