‘Njengoba Nje Insimbi Ilola Insimbi’
NGASEKUPHELENI kwekhulu lesithathu leminyaka C.E., insizwa eqotho ebizwa ngokuthi u-Anthony, eyachazwa ‘njengomKristu ongumCopt,’ yasuka ezweni futhi yayochitha iminyaka engu-20 izihlalela yodwa ogwadule. Ngani? Yayinomuzwa wokuthi lena kwakuyindlela engcono kakhulu ngayo yokukhonza uNkulunkulu. Yaba unkom’ idla yodwa wokuqala weLobukholwa onethonya.
Namuhla, eLobukholwa linonkom’ idla yodwa abambalwa. Kodwa ngokwandayo abantu ngabanye bazehlukanisa ngenye indlela. Bayenqaba ukuxoxa nabanye ngenkolo, benomuzwa wokuthi izingxoxo ezinjalo ziholela ekubeni ningezwani nasekulweni. Ukukhulekela kwabo ngokuyinhloko kuhlanganisa ukungalimazi omakhelwane babo.
Yiqiniso, ukungalimazi umakhelwane wakho kuyingxenye yenkolo yeqiniso, kodwa kudingeka okwengeziwe. Isaga sasendulo sithi: “Insimbi ilola insimbi, nomuntu ubuso bomunye.” (IzAga 27:17) Iphuzu liwukuthi, iBhayibheli likhuthaza amaKristu ukuba ahlangane ndawonye, angazehlukanisi ngokuphelele ezweni noma kwamanye amaKristu. (Johane 17:14, 15) Lithi: “Masicabangelaneni ukuze sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle, singakuyeki ukubuthana kwethu ndawonye.” (Heberu 10:24, 25) OFakazi BakaJehova balandela leso seluleko. Izikhathi eziningana ngesonto, babuthana ndawonye ukuze ‘balolane ubuso,’ bakha ukholo lwabakholwa nabo. Bathola ukuthi ukuxoxa ngobuqotho ngeBhayibheli akuholeli ekulweni. Kunalokho, kuholela ekuvumelaneni nasekuthuleni. Kuyingxenye ebalulekile yokukhulekela kweqiniso.