Ukwesaba—Umngane Noma Isitha?
“Ngicabanga ngendlela engifuna ukufa ngayo. Angifuni ukudutshulwa, kodwa uma ngidutshulwa, ngifuna ukudutshulwa ekhanda lapha, ukuze ngife ujuqu.”
INTATHELI ye-Los Angeles Times yezwa lokho entombazaneni eneminyaka engu-14 ubudala. Lentatheli yayixoxa nabafundi ngokubulala kwamuva nje—intsha ibulala kokubili abadala nenye intsha. Lombiko wawunesihloko esithi: “Izwe Lokwesaba.”
Awukwazi ukungakuqapheli ukuthi abaningi baphila ezweni lokwesaba. Ukwesabani? Kungaba nzima ukuqoka into eyodwa eyesatshwayo. Ake ubone ukuthi kuleli bhokisi eliseceleni ungazithola yini izinto abangane bakho noma abantu abaningi endaweni yakini abazesabayo. Leli bhokisi lithathwe kuyi-Newsweek ka-November 22, 1993, futhi libonisa imiphumela yokuhlolwa ‘kwezingane ezingu-758 eziphakathi kweminyaka engu-10 nengu-17 ubudala, kanye nabazali bazo.’
Ukube leyontsha bekuxoxwa nayo manje, ibingase inikeze izizathu ezengeziwe zokwesaba, ezinjengokuzamazama komhlaba. Ngemva kokuzamazama okuyinhlekelele eLos Angeles ngo-January 1994, i-Time yabika: “Phakathi kwezimpawu zesifo sokucindezeleka esiba ngemva kwesenzakalo esibuhlungu kukhona ukubuya kwezinkumbulo okungalawuleki, amaphupho esabisayo, ukuxwaya ngokweqile nentukuthelo ngenxa yokuhluleka komuntu ukulawula ukuphila kwakhe.” Usomabhizinisi owayesenqume ukuthutha kuleyo ndawo wathi: “Umonakalo awulutho. Okukhulu uvalo. Uhamba uyolala esitezi esingezansi ugqoke izicathulo. Ubuthongo abehli. Umane uhlale lapho njalo ebusuku ukulindile. Akumnandi.”
“Uhide Lwezinhlekelele Lushiya Abantu BaseJapane Benetwetwe,” kusho isihloko esanikezwa umbiko ka-April 11, 1995, owawuvela eTokyo. Wathi: “Ukuhlasela ngesisi esikhubaza imizwa . . . kube yigalelo elinzima ngokukhethekile emphefumulweni wabantu baseJapane ngoba kweza njengengxenye yohide lwezenzakalo ezathi sezizonke zakha ukungaqiniseki okusha okuyisisekelo ngekusasa. . . . Abantu abasazizwa neze bephephile emigwaqweni eyake yaduma ngokuphepha kwayo emini noma ebusuku.” Futhi akubona nje asebekhulile abesabayo. “UProfesa Ishikawa [waseSeijo University] wathi ukukhathazeka . . . kwakukukhulu ngokukhethekile entsheni, ngokuvamile engenawo umbono ocacile walokho ikusasa eliyiphathele khona.”
Ubufakazi busikisela ukuthi “isenzakalo sokwesaba okuqeda amandla singashintsha izinqubo zamakhemikhali obuchopho, kwenze abantu bazwele kakhudlwana ekukhiqizekeni kwe-adrenaline ngisho nangemva kwamashumi eminyaka.” Ososayensi bazama ukuqonda indlela ingqondo echaza ngayo isimo esesabisayo—indlela esihluza ngayo imininingwane bese sisabela ngokwesaba. UProfesa Joseph LeDoux wabhala: “Ngokuthola imigudu yemizwa isimo esibangela ngayo isidalwa ukuba sizwe ukwesaba, sithemba ukuthi siyokwazi ukuchaza izindlela ezivamile lolu hlobo lwenkumbulo olusebenza ngazo.”
Nokho, iningi lethu alinasithakazelo kangako esisekelweni sokwesaba esiphathelene namakhemikhali noma isimiso semizwa. Ngombono ongokoqobo singase sibe nesithakazelo ngokwengeziwe ezimpendulweni zemibuzo enjengokuthi, Kungani sesaba? Kufanele sisabele kanjani? Kukhona yini ukwesaba okuhle?
Cishe uzovuma ukuthi ngezinye izikhathi ukwesaba kungakusiza. Ngokwesibonelo, ake sithi njengoba usondela ekhaya lakho kumnyama. Umnyango uvulekile kancane, nakuba ubuwushiye uvalwe ngcí. Efasiteleni ubona sengathi kunezithunzi ezishaluzayo. Ngokushesha kusiphuzela unwele, uzwa ukuthi kukhona okungahambi kahle. Mhlawumbe ngaphakathi kukhona isela noma iselelesi esiphethe ummese.
Ukwesaba kwakho izimo ezinjalo okungokwemvelo kungakusindisa ungangeni esimweni esiyingozi ngokunganaki. Ukwesaba kungase kukusize ukuba uthathe izinyathelo zokuphepha noma uthole usizo ngaphambi kokubhekana nento engase ibe yingozi. Kunezibonelo eziningi ezinjalo: uphawu olukuxwayisa ngamandla amakhulu kagesi; isimemezelo somsakazo sesiphepho esivunguza sibheke endaweni yakini; umsindo wezinsimbi ohlabayo ovela emotweni yakho njengoba uhamba ngayo emgwaqweni ophithizelayo.
Kwezinye izimo umuzwa wokwesaba ungaba umngane ngempela. Ungasisiza ukuba sizivikele noma senze ngokuhlakanipha. Nokho, wazi kahle ukuthi ukwesaba okuqhubekayo noma okukhulu akuyena nakancane umngane. Kuyisitha. Kungabangela ukuphelelwa umoya, ukugubhazela kwenhliziyo, isinxi, ukuthuthumela, isicanucanu, nomuzwa wokungabi nandaba nendawo ekuzungezile.
Ungase ukuthole kuthakazelisa kakhulu ukuthi iBhayibheli lakusho ngokucacile ukuthi isikhathi sethu sasiyophawulwa izenzakalo ezesabekayo emhlabeni nawukwesaba okukhulu. Kungani kunjalo, futhi kufanele kukuthinte kanjani ukuphila nokucabanga kwakho? Futhi, kungani kungase kuthiwe ngokombono weBhayibheli, kukhona ukwesaba kwansuku zonke okuwusizo ngokukhethekile futhi okuhle? Ake sibone.
[Ibhokisi ekhasini 3]
Lapho bebuzwa ukuthi yini ebakhathaza kakhulu nemikhaya yabo, abantu abadala nezingane bathi besaba:
IZINGANE ABAZALI
56% Ubugebengu obunobudlova elungwini lomkhaya 73%
53% Ukulahlekelwa umsebenzi komuntu omdala 60%
43% Ukungabi namali yokuthenga ukudla 47%
51% Ukungabi namali yokuya kudokotela 61%
47% Ukungabi namandla okuthola indawo yokuhlala 50%
38% Ukuba nenkinga yezidakamizwa kwelungu lomkhaya 57%
38% Umkhaya wabo ngeke uhlale ndawonye 33%
Umthombo: Newsweek, November 22, 1993