Lapho ‘Kungekho Moya Oyiwonawona’
“LAPHO umuntu engazi ukuthi uya kuliphi itheku, akukho moya oyiwonawona.” Lamazwi, okuthiwa ashiwo isazi sefilosofi esingumRoma sekhulu lokuqala uLucius Annaeus Seneca, afakazela iqiniso eselinesikhathi eside liqashelwa: Ukuze ukuphila kube nenjongo, imigomo ibalulekile.
Nokho, ngokuvamile ukuphila akubi nanjongo. Abaningi baneliswa nje ukugwema amadwala nemisinga yokuphila kwansuku zonke. Njengoba bengenamgomo oqondile, baba njengamagagasi “ayiswa phambili umoya kulomzuzu abuyiselwe emuva ngomzuzu olandelayo.” (Jakobe 1:6, “Phillips”) Kubantu abanjalo, “akukho moya oyiwonawona.”
IBhayibheli linikeza izibonelo zalabo ababethambekele ekuzibekeleni imigomo, ngenxa yalokho bayizibonelo kumaKristu namuhla. UMose “wagxilisa amehlo ekukhokhweni komvuzo.” (Heberu 11:26) UPawulu wabhala: “Ngigijima ngiqonde emgomweni ukuze ngizuze umklomelo.” Wakhuthaza ayekholwa nabo ukuba “babe nesimo sengqondo esifanayo.”—Filipi 3:14, 15, “Today’s English Version.”
Njengoba amehlo ethu ethe njó ezithembisweni zeBhayibheli, kwangathi singalingisa ukholo lwamadoda anjalo ayethambekele ekuzibekeleni imigomo.—Qhathanisa namaHeberu 13:7.