Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 9/15 kk. 5-6
  • Umhawu Wacishe Wonakalisa Ukuphila Kwami

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umhawu Wacishe Wonakalisa Ukuphila Kwami
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uthando Lunqoba Umhawu Ongafanele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Ukuba Nomhawu Ngokukhulekelwa KukaJehova Okumsulwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Lokho Okufanele Ukwazi Ngomhawu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Isikhwele Emshadweni—Ungasigwema Kanjani?
    Usizo Lomndeni
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 9/15 kk. 5-6

Umhawu Wacishe Wonakalisa Ukuphila Kwami

ISIKHWELE saqala ukuba nethonya elibi ngempela kimi lapho ngishada nomyeni wami wesibili, uMark.a Ngokubambisana, kwakudingeka sinakekele izingane zokutholwa futhi sisebenzelane nabangane bethu bomshado bangaphambili. Ngezinye izikhathi isimo sasingabekezeleleki. Noma nini lapho kwakuba nokungqubuzana emikhayeni, kwakubonakala sengathi uMark wayengangisekeli. Ngaqala ukuba nomuzwa wokuthi wayesamthanda umkakhe wangaphambili. Kunokuba ngilawule isikhwele sami, ngasivumela ukuba silawule ukuphila kwami. Ngangizizwa ngisongelwe noma nini lapho kukhona umkaMark wangaphambili.

Ngangihlala ngimqaphele uMark, ngibheka ngisho namehlo akhe ukuze ngibone ukuthi wayebhekephi. Esweni lakhe ngangibona izinto ezingekho nokuba khona. Ngezinye izikhathi ngangimbeka icala obala ngokuthi usathandana nomkakhe wangaphambili. Ngesinye isikhathi lokhu kwamcindezela kakhulu kangangokuthi wasukuma wahamba washiya umhlangano omkhulu wamaKristu. Ngazizwa nginecala kuJehova. Ngenza ukuphila komkhaya wami kwaba lusizi ngoba ekugcineni nezingane zathinteka. Ngazizonda ngenxa yalokho engangikwenza, kodwa kungakhathaliseki ukuthi ngangizama kanzima kangakanani, ngangimane nje ngihluleka ukulawula isikhwele sami.

Kunokuba angisize, uMark waqala ukuphindisela. Lapho ngimbeka icala, wayengithethisa, “Unesikhwele, umane nje unesikhwele.” Waze wazama ngamabomu ukungenza ngibe nesikhwele. Mhlawumbe wayecabanga ukuthi lokhu kwakuyoselapha isikhwele sami, kodwa kwamane kwenza izinto zaba zimbi kakhulu. Waqala ukubuka abanye besifazane, esho nendlela ababebukeka bebahle ngayo. Lokhu kwangenza ngazizwa ngingelutho futhi ngingafunwa ngisho nangokwengeziwe. Kwafinyelela ezingeni lapho omunye umzwelo omubi—inzondo—waqala ukuvela. Kulelo zinga, ngase ngidideke kangangokuthi ngase nje ngifuna ukuhlukana naye nomkhaya wakhe.

Lapho iBhayibheli lithi “umhawu ungukubola kwamathambo,” kunjalo kanye. (IzAga 14:30) Impilo yami yaqala ukuthinteka manje. Ngaba nezilonda esiswini ezathatha isikhathi eside ukuba zelapheke. Ngaqhubeka ngenza ukuphila kwami kube lusizi ngokusola yonke into uMark ayeyenza. Ngangikhuthuza amaphakethe akhe, futhi uma ngithola izinombolo zocingo, ngangishaya ucingo ukuze ngibone ukuthi kuphendula bani. Ekujuleni kwenhliziyo nganginamahloni ngami, ngangikhala ngenxa yokuba namahloni kuJehova. Nakuba kunjalo ngangingakwazi ukuziyekisa. Mina ngokwami ngangiyisitha sami esikhulu.

Ingokomoya lami lathinteka kabi kwaze kwaba sezingeni lapho ngangingasakwazi ukuthandaza. Ngangimthanda uJehova futhi ngifuna ngempela ukwenza okulungile. Ngangiyazi yonke imibhalo ephathelene namadoda nabafazi, kodwa ngangihluleka ukuyisebenzisa. Ngokokuqala ngqá ekuphileni kwami, ngangingasakufuni ukuphila, naphezu kweqiniso lokuthi nganginezingane ezinhle kakhulu.

Abadala ebandleni lobuKristu babeyisikhuthazo esikhulu futhi bazama ngangokusemandleni abo ukuba bangisize. Kodwa lapho bephatha indaba yesikhwele sami, ngangiyiphika ngenxa yokudumazeka, ngingafuni ukuvuma ukuthi nganginenkinga enjalo.

Ekugcineni, impilo yami yawohloka kwaze kwaba sezingeni lapho kwadingeka ukuba ngiye esibhedlela ngiyohlinzwa. Ngesikhathi ngilapho ngaqaphela ukuthi ukuphila kwakungenakuqhubeka ngendlela okwakuqhubeka ngayo. Mina noMark sanquma ukuhlala ngokuhlukana izinyanga ezintathu ukuze sihlole isimo sethu singahilelekile kakhulu ngokomzwelo. Phakathi nalesi sikhathi kwenzeka okuthile okumangalisayo. Kumagazini i-Phaphama! kwaba nesihloko esithi “Usizo Ngezingane Ezingabantu Abadala Zemilutha Yotshwala.”b

Uyabona, umama wayengumlutha wotshwala. Nakuba ngingazange ngixhashazwe ngokomzimba, abazali bami abazange nanini babonise uthando lomzwelo ngokoqobo komunye nomunye noma kimi. Angikhumbuli umama engigona noma engitshela ukuthi uyangithanda. Ngakho empeleni ngakhula ngingayazi indlela yokuthanda, noma okubaluleke ngokufanayo, indlela yokuthandwa.

Ngokuvamile umama wayengitshela ngokuthandana kukababa nabanye nokuthi wayengenakumethemba. Ngakho ngicabanga ukuthi ngakhula ngingawethembi wonke amadoda. Ngenxa yendlela engakhuliswa ngayo, ngaso sonke isikhathi ngangizizwa ngimncane kunabanye, ikakhulukazi abanye besifazane. Ukufunda leso sihloko se-Phaphama! kwangisiza ukuba ngiqonde ukubaluleka kwalezi zinto. Ngokokuqala ngqá, ngaziqonda izimbangela eziwumsuka zenkinga yami yesikhwele.

Ngabonisa umyeni wami, uMark, lesi sihloko se-Phaphama! futhi naye samsiza ukuba angiqonde kangcono. Ngokushesha mina naye sakwazi ukulandela iseluleko seBhayibheli emibhangqwaneni ecabanga ukuhlala ngokuhlukana. Sabuyisana. (1 Korinte 7:10, 11) Manje umshado wethu ungcono kunanini ngaphambili. Senza izinto eziningi ndawonye, ikakhulukazi lapho kuhileleke imisebenzi yobuKristu. UMark ubonisa ububele ngokwengeziwe. Cishe nsuku zonke ungitshela indlela angithanda ngayo, futhi manje ngikukholelwa ngempela lokho.

Noma nini lapho ngazi ukuthi sizohlangana nomkaMark wangaphambili, ngithandazela amandla kuJehova, ngimcele ukuba angisize ngiziphathe ngendlela yobuKristu evuthiwe. Futhi kuyasebenza. Ngisho nemizwa yami yokumzonda iyancipha. Angisagxili emicabangweni ephambene noma ngivumele ukucabanga kwami kungabe kusalawuleka.

Ngisaba nayo imizwa ethile yesikhwele engafanele. Ukuphila okuphelele ezweni elisha likaNkulunkulu kuphela okuyoyisusa ngokuphelele. Okwamanje, ngiye ngafunda ukulawula isikhwele, kunokuba ngisivumele singilawule. Yebo, isikhwele sacishe sonakalisa ukuphila kwami, kodwa ngosizo lukaJehova nenhlangano yakhe, manje ngijabula kakhulu, futhi impilo yami isibuyele esimweni esivamile. Sengiphinde ngaba nobuhlobo obuqinile noNkulunkulu wami, uJehova.—Inikelwe.

[Imibhalo yaphansi]

a Igama lishintshiwe.

b Bheka i-Phaphama! ka-May 22, 1992, amakhasi 8-12.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela