Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 9/1 k. 31
  • AmaKristu Eqiniso Ayoshushiswa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • AmaKristu Eqiniso Ayoshushiswa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukukhuthazela Ngenjabulo Naphezu Kokushushiswa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • “Niyakuzondwa Yizizwe Zonke”
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • Masijabule Noma Sishushiswa!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Ingxenye 4—Ofakazi Kuze Kube Sekugcineni Komhlaba
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 9/1 k. 31

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

AmaKristu Eqiniso Ayoshushiswa

KUSUKELA ezinsukwini zika-Abela, izinceku zikaJehova eziningi ziye zakhuthazelela ushushiso olungokwenkolo. (Luka 11:49-51) Futhi lokho akumangalisi, ngoba iBhayibheli lixwayisa ngokuthi “bonke labo abafisa ukuphila ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu ebuhlotsheni noKristu Jesu nabo futhi bayoshushiswa”! (2 Thimothewu 3:12) Ngakho, namuhla emazweni angaphezu kuka-25, oFakazi BakaJehova bangaphansi kokuvinjelwa futhi bakhuthazelela ushushiso.

Ezweni lapho oFakazi BakaJehova bengavinjelwe khona nje kuphela kodwa futhi beshushiswa amalungu enkolo, abamemezeli bezindaba ezinhle abangaphezu kuka-12 000 bayaqhubeka besebenza ngentshiseko, befunda iBhayibheli nabantu abangaphezu kuka-15 000. Yiqiniso, umsebenzi wabo wokushumayela wenziwa ngendlela enokuqonda. Ngokuvamile, imihlangano yabo yobuKristu bayiqhubela emakhaya abathile, futhi bayaqapha lapho bememela abantu abathakazelayo kuleyo mihlangano.

Muva nje uhulumeni uye wathambisa isandla koFakazi, manje abenza ingxenye enkulu yomsebenzi wabo ngaphandle kokuphazanyiswa ngokuhlaselwa. Nokho, amaqembu enkolo ahlukahlukene aye asebenzisa ithonya lawo ukuze asuse uthuthuva.

Kwelinye idolobha isixuku esithukuthele sabashisekela inkolo ngokweqile abangaba ngu-200 samasha saqonda emzini lapho oFakazi BakaJehova abangaba ngu-50 babeqhuba khona umhlangano webandla. Abanye kulesi sixuku babephethe amatshe futhi bekhuza izaga zenkolo. Inhloso yabo esobala kwakuwukuhlasela laboFakazi futhi balimaze umuzi. Ngokusobala abaholi benkolo babelokhu bebukela imihlangano isikhathi esithile futhi belindele isikhathi esifanele sokuhlasela. Lesi sixuku sase sizongena kulomuzi lapho kufika amaphoyisa angu-15 futhi esiyala ukuba sihlakazeke. Lokhu kwabamangaza laboFakazi, njengoba engekho kubo owayethole ngisho nanesikhathi sokuthinta amaphoyisa.

Nokho, kwezinye izehlakalo abaphikisi baye baphumelela. OFakazi abaningana baye baquliswa amacala futhi bathola isigwebo sokugqunywa ejele. Elinye icala lasenkantolo lalilokhu lilengisiwe iminyaka eminingana, futhi kubonakala sengathi abashushisi babengasenasithakazelo kulo. Nokho, ngenxa yokushoshozela kwabefundisi bendawo, lendaba yaphindela enkantolo, futhi loFakazi wathola isigwebo sejele.

Kwenye indawo iqembu loFakazi lahlangana ekhaya lothile ukuze ligubhe iSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Kamuva ngalobo busuku amaphoyisa amaningana abopha umninindlu nomdala owayeqhube lomhlangano. Esiteshini samaphoyisa, bashaywa kanzima. Baphenywa ngesihluku amahora amaningana. Omunye walaboFakazi wakhuthazelela ukuhlushwa kokufakwa emthonjeni wamanzi abandayo.

Kungani amaphoyisa ayenza ukuhlasela okunjena? Nalapha futhi, iqembu labashisekela inkolo ngokweqile, lisizwa abefundisi bendawo, lalishoshozela lesi senzo samaphoyisa. Kamuva umphathi wamaphoyisa wembula ukuthi lokhu kuboshwa kwabantu kwakwenziwe ngaphandle kwemvume yakhe. Kwaxoliswa, futhi labo ababethinteka kulokhu kushaya bajeziswa.

Emhlabeni wonke oFakazi BakaJehova bayaqhubeka beshumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, ngisho nalapho bebhekene nokuphikiswa okunobudlova. Balandela iseluleko sikaJesu: “Bhekani! Ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho-ke zibonakaliseni niqaphile njengezinyoka kodwa nokho nibe msulwa njengamajuba.”—Mathewu 10:16.

[Isithombe ekhasini 31]

U-Abela wayengowokuqala ukuba ashushiswe

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela