Ukukhululeka Kwezisulu Ezingenacala
UKWENZIWA kwabantwana umhlatshelo okuyisiko kungelinye lamacala anengeka kakhulu ake enziwa umuntu. Abanye abakholelwa ukuthi umkhuba onyanyeka kanjalo wawungenzeka. Kodwa lolu phawu lokukhulekela kwabantu baseFenike luye lwaqinisekiswa izinto eziningi ezivubukuliwe.
Abantwana abavela emikhayeni ehlonishwayo babenikelwa emlilweni konkulunkulu abanjengoTanit noBaal-Hammon. ECarthage izisulu ezisezincane zazishiswa zenziwe umhlatshelo esithombeni sethusi uKronos. UDiodorus Siculus, isazi-mlando sekhulu lokuqala B.C.E., uthi izihlobo zomntwana zazingavunyelwe ukukhala. Mhlawumbe kwakunenkolelo yokuthi izinyembezi zosizi zaziyonciphisa ukubaluleka komhlatshelo.
Okwesikhathi esithile kwakuqhutshwa isiko elifanayo eduze naseJerusalema eThofeti yasendulo. Kuleyo ndawo abakhulekeli babesina futhi bashaye izigubhu ukuze benze ukukhala komntwana kungazwakali njengoba babemphonsa esiswini sikaMoloki esiyisithando somlilo.—Jeremiya 7:31.
UJehova ubacasukela kakhulu labo abavala izindlebe zabo ngonya ukuze bangezwa ubuhlungu babanye. (Qhathanisa nezAga 21:13.) NjengoNkulunkulu obonisa ububele ngabantwana, ngokuqinisekile uJehova uyohlanganisa nezisulu ezinjalo ezingenacala ‘ovukweni kokubili lwabalungile nabangalungile.’—IzEnzo 24:15; Eksodusi 22:22-24.