Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Ukufinyelela Izindawo ZaseGreenland Ezisemajukujukwini
SEKUNGAMASHUMI amaningi eminyaka oFakazi BakaJehova besebenzisa omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! ekushumayeleni izindaba ezinhle. Labomagazini baphakamisa ukuhlakanipha kukaJehova njengoba kubonakaliswe eZwini lakhe, iBhayibheli. Baqaphela izenzakalo zezwe ezihlobene nesiprofetho seBhayibheli, futhi basebenzisa iseluleko esinengqondo seBhayibheli ezinkingeni zanamuhla.—Jakobe 3:17.
Ngo-1994, oFakazi eGreenland benza umzamo okhethekile wokuhambisela abantu abaningi ngangokunokwenzeka INqabayokulinda ne-Phaphama! Phakathi nehlobo, benza amalungiselelo okuhambela ezinye zezindawo ezisemajukujukwini eGreenland. Iqembu labamemezeli boMbuso lahamba amakhilomitha angaphezu kuka-4 000 ngesikebhe linyusa ugu olusentshonalanga liya eQaanaaq (eThule), lifinyelela eminye yemiphakathi esenyakatho ekude kakhulu embulungeni. Uhambo lwalo lwathatha amasonto angu-7. Ogwini olusempumalanga, umbhangqwana ongoFakazi wafinyelela endaweni yase-Ittoqqortoormiit futhi ngokokuqala ngqá wayihlanganisa ngezindaba ezinhle ngendlela ehlelekile.
Ngasekuqaleni kwalowo nyaka, phakathi nenyanga ka-April, amakhophi angu-7 513 e-Nqabayokulinda ne-Phaphama! ahanjiselwa abantu baseGreenland. Lokho kusho ukuthi, ngokwesilinganiso, ngamunye walabo bamemezeli boMbuso abangu-127 wahambisa omagazini abangu-59—umagazini owodwa kulezo nalezo zakhamuzi ezingu-7. Ngaleyo nyanga, i-Phaphama! yayinochungechunge lwezihloko ezingaphansi kwesihloko esisesembozweni esithi “Umdlavuza Wamabele—Wesatshwa Yibo Bonke Abesifazane.” Omunye uFakazi, owahambisa omagazini abangu-140, washiyela intatheli yethelevishini amakhophi aleyo Phaphama! Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, uhlelo lwezindaba lwethelevishini lwakhuluma ngalezi zihloko zomdlavuza wamabele. Lentatheli yaveza labomagazini kuthelevishini, ibonisa amakhasi ambalwa njengoba yayincoma indlela abahunyushelwe ngayo olimini lwaseGreenland. Yaqokomisa futhi nokusikisela okusebenzisekayo okunikezwa yi-Phaphama! njengokuwukunakekelwa kwempilo okuvikelayo.
Kulo lolo hlelo lwe-TV kwaxoxwa noFakazi owayehambiselé lentatheli labomagazini ekuqaleni. Waphendula imibuzo eminingana ngokuphathelene noFakazi BakaJehova futhi wakhuluma ngokusakazwa kabanzi komagazini ngaleyo nyanga. Wakhuluma futhi nangokuhlakanipha okusebenzayo okutholakala eBhayibhelini wabe esephawula ukuthi iseluleko esinengqondo esinjalo singasisiza ukuba sibhekane nezinkinga zanamuhla.
Lolu hlelo lwaphetha ngokuthi kuxoxwe nomongameli we-Greenlandic Cancer Society. Waphawula ukuthi wayengakaze abone indaba enhle nefundisa kangaka ekhuluma ngalesi sihloko ngolimi lwakubo. Khona-ke wacela bonke abanesithakazelo endabeni yomdlavuza wamabele ukuba bafunde lezi zihloko ze-Phaphama! Wathi kwakunesizathu esihle sokubonga oFakazi BakaJehova ngokuthatha kwabo isinyathelo kuqala.
NjengaseGreenland, oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bayaqhubeka beshumayela izindaba ezinhle “kuyo yonke indalo engaphansi kwezulu.” (Kolose 1:23; IzEnzo 1:8) Ngokusebenzisa izincwadi zeBhayibheli, kuhlanganise ne-Nqabayokulinda ne-Phaphama!, basiza zonke izinhlobo zabantu ukuba zikwazi ukubhekana nezinkinga zanamuhla futhi bazinike ithemba lekusasa elingcono.
[Ibalazwe ekhasini 8]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Qaanaaq (Thule)
Ittoqqortoormiit
Nuuk (Godthåb)