Sembulani Isibuko?
BHEKA esibukweni. Ubonani? Ngezinye izikhathi, ukuthi shazí nje esibukweni kwembula isici esidumazayo endleleni obukeka ngayo ojabulela ukusilungisa ngaphambi kokuba abanye basibone.
IBhayibheli lifana ncimishí nesibuko. Lingasisiza ukuba sibe nombono ofanele ngathi, oyosivimbela ukuba sicabange ukuthi sibaluleke kakhulu—noma kancane kakhulu—emehlweni kaNkulunkulu. (Mathewu 10:29-31; Roma 12:3) Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lingembula amaphutha athile emazwini, izenzo, noma esimweni sethu sengqondo okudingeka siwalungise. Lapho lokhu kwenzeka, ingabe uyokushalazela lokho okwembulwa isibuko?
Umlobi weBhayibheli uJakobe uthi: “Uma noma ubani engumuzwi wezwi, engeyena umenzi, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni. Ngoba uyazibuka, abese ehamba futhi masinyane akhohlwe ukuthi ungumuntu onjani.”—Jakobe 1:23, 24.
Ngokuphambene, uJakobe uchaza olunye uhlobo lomuntu, “osinga umthetho ophelele ongowenkululeko nophikelelayo kuwo.” (Jakobe 1:25) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi ‘ukusinga’ lisho ukukhothama noma ukugobela phambili ukuze ubheke okuthile. “Kuhileleke okwengeziwe kunokumane uthi shazí,” kusho i-Theological Dictionary of the New Testament. Leli gama lisho ukuhlolisisa into efihliwe. “Kunokuthile okubalulekile lowo obukayo afisa ukukubona, ngisho noma kungase kube nzima ngaye ukuba akubone futhi aqonde incazelo yakho zisuka nje,” kubhala umhlaziyi weBhayibheli uR. V. G. Tasker.
Ngakho, ingabe uyozihlolisisa esibukweni esiyiZwi likaNkulunkulu bese wenza ngokuvumelana nalokho elikudingayo? UJakobe uyaqhubeka: “Lomuntu, ngoba akabanga umuntu ozwayo oyisikhohlwa kodwa ube umenzi womsebenzi, uyojabula ekuwenzeni kwakhe.”—Jakobe 1:25.