Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 7/15 kk. 2-3
  • Ingabe UNkulunkulu Ubusa Izwe?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe UNkulunkulu Ubusa Izwe?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amathemba Esikhathi Esizayo ObuProthestani—Nawakho!
    I-Phaphama!—1987
  • Ingabe Uyalihlonipha Igama LikaKristu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Ingabe Imithetho Yasekhaya Inesidingo Ngempela?
    Intsha Iyabuza
  • Ingabe AmaLuthela AseJalimane Ayihlelo Elisengozini?
    I-Phaphama!—1987
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 7/15 kk. 2-3

Ingabe UNkulunkulu Ubusa Izwe?

KUSEKUSENI ngeSonto. Abantu abaningi bayavuka, bagqoke, badle ukudla kwasekuseni, futhi baphuthume esontweni. Lapho, balalela intshumayelo ephathelene nendlela uNkulunkulu abusa ngokuphakeme ngayo phezu komhlaba, enegunya elingenakubangiswa. Batshelwa ukuthi ubakhathalela ngokujulile abantu. Kubhekiselwa futhi nakuJesu Kristu. Bangase bezwe ukuthi uyiNkosi yamakhosi amadolo onke aguqa kuye ngokulalela.

Lapho befika ekhaya bevela esontweni, laba bantu bangase bavule ithelevishini futhi babheke izindaba. Manje bezwa ngendlala, ubugebengu, ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa, ubumpofu. Futhi babona izithombe ezibangela usizi eziphathelene nezifo nokufa.

Abantu abanjalo bangase baqale ukuzibuza ngezinto abazizwe esontweni futhi ikakhulukazi ngezindaba ezingazange zichazwe lapho. Uma uNkulunkulu enothando futhi enamandla onke, kungani kwenzeka izinto ezesabekayo? Futhi kuthiwani ngoJesu Kristu? Kusobala ukuthi kunamadolo amaningi angaguqi ukuze bamlalele.

[Isithombe ekhasini 3]

Uma uNkulunkulu ebusa izwe, kungani kunokuhlupheka nesiyaluyalu esingaka?

[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]

Cover: NASA photo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela