Izinhlamvu Zemali Ezinegama LikaNkulunkulu
AKE ubukisise lezizinhlamvu zesiliva eziboniswe lapha. Zenziwa inkosi yaseJalimane uWilhelm V phakathi nokubusa kwayo kusukela ngo-1627 kuya ku-1637. Ngalesisikhathi, iYurophu ephakathi yayingene shí eMpini Yeminyaka Engamashumi Amathathu, impi eyayiphakathi kwamaKatolika namaProthestani. UWilhelm V wayesekela inkambiso yamaProthestani. Ukuze ahlangabezane nezindleko ezinkulu zalengxabano, wathatha lonke isiliva lakhe wenza izinhlamvu zemali ngalo.
Ngokuthakazelisayo, izithombe ezisezinhlamvwini eziningi zibonisa ilanga lizungeze igama likaNkulunkulu, uJehova, elibhalwe ngendlela yeTetragrammaton yesiHeberu. Kukhona nesihlahla sesundu, esibonisa amandla. Lokhu kusho ukuthi lesisihlahla, nakuba sigotshwe umoya, ngaphansi kwesivikelo sikaNkulunkulu siyalondolozeka singaphuki. Umbhalo wesiLatini osohlamvwini unegama likaJehova futhi uveza ukuqiniseka ngokunakekela kwakhe okuvikelayo.
Esikhundleni sokuncenga isivikelo sikaNkulunkulu, ukusetshenziswa okunjalo kwegama likaNkulunkulu kwakuyize, ngoba uJehova akathathi-hlangothi ezingxabanweni zobudlova zesintu. Ngempela, iMpi Yeminyaka Engamashumi Amathathu yayingenakuvunyelwa uNkulunkulu. “Ngokwezibalo ezingeqisi,” kusho i-Funk & Wagnalls New Encyclopedia, “phakathi nalempi kwabhubha abantu baseJalimane abangengaphansi kwengxenye. Amadolobha aseJalimane angenakubalwa, amadolobha amancane, izigodi, namapulazi kwacoboshiswa. Cishe izingxenye ezimbili kwezintathu zezakhiwo zezimboni, ezolimo nezentengiselwano zaseJalimane zaba amanxiwa.”
Ukusetshenziswa kwegama elithi Jehova kulezizinhlamvu zemali kusikhumbuza umyalo owawunikezwe ama-Israyeli: “Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho.” (Eksodusi 20:7) Nakuba kunjalo, lezizinhlamvu zemali zinikeza ubufakazi bokuthi igama laphezulu, elithi Jehova, sekunesikhathi eside abantu baseJalimane belazi. Umazi kahle kangakanani uNkulunkulu onalelogama?