Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 3/1 k. 32
  • “Njengezinsuku Zomuthi”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Njengezinsuku Zomuthi”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 3/1 k. 32

“Njengezinsuku Zomuthi”

EMINYAKENI engaphezu kwezinkulungwane ezintathu edlule, uMose wabhala: “Izinsuku zeminyaka yethu zineminyaka engamashumi ayisikhombisa; kuthi uma ziziningi, zineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; nokho ukuvama kwazo kungukuhlupheka nelize.”—IHubo 90:10.

Naphezu kwentuthuko yezokwelapha, isilinganiso sobude besikhathi sokuphila komuntu sisenjengoba sasinjalo osukwini lukaMose. Nokho, abantu ngeke balahlelwe phakade ekuphileni okudlula ngokushesha kangaka. Encwadini yeBhayibheli ka-Isaya, uNkulunkulu wathi: “Izinsuku zabantu bami ziyakuba-njengezinsuku zomuthi, nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami uyakugugela kubo.”—Isaya 65:22.

Omunye wemithi ephila isikhathi eside kunayo yonke emazweni aseBhayibhelini umuthi womnqumo. Umuthi oboniswe lapha ungomunye wemithi yeminqumo esinenkulungwane yeminyaka kodwa esachuma namanje eGalile. Abantu bayophila nini isikhathi eside kangako? Isiprofetho esifanayo siyachaza ukuthi kuyokwenzeka lapho uNkulunkulu edala “izulu elisha nomhlaba omusha.”—Isaya 65:17.

Incwadi yesAmbulo futhi iprofetha ngokumiswa ‘kwezulu elisha nomhlaba omusha’—uhulumeni wasezulwini omusha nomphakathi wesintu omusha lapho uNkulunkulu ‘eyosula zonke izinyembezi emehlweni awo, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.’—IsAmbulo 21:1, 4.

Lesisithembiso saphezulu sizogcwaliseka ngokushesha. Khona-ke, ngisho nezinsuku zomuthi womnqumo ziyoba njengosuku nje olungamahora angu-24. Futhi siyoba nesikhathi esiningi ngokwanele ukuze sijabulele ngokugcwele umsebenzi wezandla zethu.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela