Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 3/1 k. 24
  • Abantu BakaNkulunkulu Bazinikela Ngokuzithandela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abantu BakaNkulunkulu Bazinikela Ngokuzithandela
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwakha Ndawonye Embulungeni Yonke
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • Ukubheka KuJehova Kukho Konke Esikwenzayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Ukubonakalisa Ukholo Ngemisebenzi Emihle
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Amalungiselelo Ezindawo Zokukhulekela
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 3/1 k. 24

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Abantu BakaNkulunkulu Bazinikela Ngokuzithandela

IGAMA lakhe kwakunguJosefa, wayengowomdabu wasesiqhingini saseKhupro. Wayephakathi kwamaKristu ekhulu lokuqala athengisa amasimu nezindlu ukuze anikele ngokwezimali ekuqhutshekiselweni phambili kobuKristu. Ngenxa yokuba nenhliziyo enhle nokuphana, wabizwa ngokuthi uBarnaba, okusho ukuthi “iNdodana Yenduduzo.”—IzEnzo 4:34-37.

Isithakazelo sangempela esinjalo kwabanye besilokhu siwuphawu lwabakhulekeli bakaJehova beqiniso. OFakazi BakaJehova namuhla abahlukile neze, njengoba kuqokonyiswa okuhlangenwe nakho okulandelayo kwaseSolomon Islands.

Iqembu loFakazi abangaphezu kuka-60 lase-Australia naseNew Zealand lahamba laya eHoniara, inhloko-dolobha yaseSolomon Islands eGuadalcanal. Babezele ukuzosiza ekwakhiweni kweHholo Lomhlangano lemibuthano emikhulu yamaKristu. Kwabathatha cishe amasonto amabili kuphela ukumisa ihholo elingahlalisa abangaba ngu-1 200!

Cishe ngesikhathi esifanayo, iziphathimandla zendawo zedolobha elincane laseMunda, elisesiqhingini saseNew Georgia, zanikeza ibandla loFakazi BakaJehova isiqephu sendawo esikuyo kanye inkaba yedolobha. Babefuna ukwakha iHholo LoMbuso, indawo yokukhulekela. Futhi babelidinga ngempela. Babekade behlanganyela ekamelweni lokuphumula lendlu yamaqabunga encane, kodwa babengenawo amandla okwakha iHholo LoMbuso.a Ibandla lalakhiwe ikakhulukazi abantu asebebadala nababuthakathaka nezingane, futhi wayengekho onokuhlangenwe nakho emsebenzini wokwakha.

Cishe endaweni eqhele ngamakhilomitha angu-380, esiqhingini saseGuadalcanal, oFakazi basedolobheni laseHoniara bazinikela ngokuzithandela. (IHubo 110:3) Bacabanga: “Uma abafowethu bakwamanye amazwe babezimisele ukusakhela iHholo Lomhlangano ngamasonto amabili, nathi ngokuqinisekile singabasiza abafowethu baseMunda sibakhele iHholo LoMbuso ngamasonto amabili.”

Yilokho okwenzeka. Ngolunye usuku isikebhe sokuthwala esasigcwele izisebenzi zokuzithandela ezingoFakazi ezijabule nezizimisele safika eMunda. Amadoda nabesifazane, abadala nabancane, bonke baba matasa bethulula umthwalo wabo futhi balungela ukuqala ukwakha ngamapulangwe, usimende, izinsimbi zokwakha uphahla, nezinye izinto ezazifike eMunda ngaphambi kwabo.

Ngokushesha ngemva kokuba umsebenzi uqalile, izulu eliklaklabulayo lanqamula amanzi edolobha. Nokho, lokhu akuzange kube inkinga engenakunqotshwa. OFakazi bamba umthombo owabanika amanzi phakathi nawo wonke umsebenzi wokwakha. Kuthiwani ngokudla kwazo zonke lezizisebenzi? Nalokho kwakungeyona inkinga. Izisebenzi zokuzithandela zaseHoniara zazisendleleni nokudla okuningi okwakulungiselelwé amabandla aseHoniara. Zafika ngisho nanabapheki bazo!

Omakhelwane babukela ukuqhubeka kwalomsebenzi ngokungakholwa. Omunye wabo wathi: “Izinto azenzeki ngezinsuku nje lapha. Zithatha iminyaka.” Omunye umakhelwane, ongumholi wenkolo, wavuma ukuthi isonto lakhe belilokhu lakhiwa kuleminyaka engu-20 edlule futhi namanje alikaqedwa. Ngokuphambene, leliHholo LoMbuso elisha LoFakazi BakaJehova laseMunda laqedwa ngezinsuku eziyishumi nje kuphela!

[Umbhalo waphansi]

a Indlu yamaqabunga eyakhiwe ngezinto ezigawulwe ehlathini. Imiswa ngezintingo nezigxobo, futhi uphahla nezindonga kwembozwe ngohlaka olwenziwe ngamaqabunga esundu azongelezelwe ezintingweni futhi athungwa ngezintandela.

[Amabalazwe ekhasini 24]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

South Pacific Ocean

SOLOMON ISLANDS

Munda

GUADALCANAL

Honiara

[Ibalazwe]

AUSTRALIA

NEW ZEALAND

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela