Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 2/15 kk. 31-32
  • Umsebenzi KaNkulunkulu Wokudala Emhlabeni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umsebenzi KaNkulunkulu Wokudala Emhlabeni
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 2/15 kk. 31-32

Umsebenzi KaNkulunkulu Wokudala Emhlabeni

IBHAYIBHELI likhuluma ngezinkathi eziyisithupha zokudala ezibizwa ngokuthi ‘izinsuku,’ nangenkathi yesikhombisa noma ‘usuku lwesikhombisa’ uNkulunkulu ayeka ngalo imisebenzi yokudala emhlabeni wabe esephumula.—Genesise 2:1-3.

UGenesise 1:1, 2 ulandisa ngesikhathi sangaphambi ‘kwezinsuku’ eziyisithupha zokudala. Lapho ‘lezizinsuku’ ziqala, ilanga, inyanga, nezinkanyezi kwase kukhona kakade, ukudalwa kwakho okubhekiselwa kukho kuGenesise 1:1. Nokho, ngaphambi ‘kwalezizinsuku’ eziyisithupha zomsebenzi wokudala “umhlaba wawuyihlane elingenalutho; kwakungubumnyama phezu kotwa.” (Genesise 1:2) Ngokusobala, izingqimba zamafu zazisamboze umhlaba, zivimbela ukukhanya ukuba kufike kuwo.

Lapho uNkulunkulu ethi ngoSuku Lokuqala, “Makube-khona ukukhanya,” ubufakazi bubonisa ukuthi ukukhanya kwasabalala kwangena phakathi kwamafu ngisho nakuba imithombo yalokho kukhanya yayingenakubonwa emhlabeni. Kubonakala sengathi lena kwakuyinqubo eyenzeka kancane kancane. UNkulunkulu wahlukanisa ukukhanya nobumnyama, ebiza ukukhanya ngokuthi iMini nobumnyama ngokuthi uBusuku. Lokhu kubonisa ukuthi umhlaba wawuzungeza kuyi-axis yawo njengoba ujikeleza uzungeza ilanga.—Genesise 1:3, 4.

NgoSuku Lwesibili uNkulunkulu wenza umkhathi ngokwenza ukuba kuhlukaniswe “amanzi namanzi.” Amanye amanzi asala emhlabeni, kodwa isilinganiso esikhulu samanzi sakhushulelwa ngaphezu komhlaba, kwathi phakathi kwawo kwaba nomkhathi. UNkulunkulu wabiza lomkhathi ngokuthi iZulu, kodwa lokhu kwakuhlobene nomhlaba, njengoba lamanzi ayengaphezu komkhathi kungenakushiwo ukuthi ayemboze izinkanyezi noma ezinye izindikimba ezisemazulwini akude.—Genesise 1:6-8.

NgoSuku Lwesithathu ngamandla kaNkulunkulu asebenza ngokuyisimangaliso amanzi asemhlabeni aqoqelwa ndawonye kwase kubonakala indawo eyomile, uNkulunkulu wayibiza ngokuthi uMhlaba. Kungalolusuku olufanayo lapho utshani, uhlaza, nemithi yezithelo kwaba khona. Ngasinye salezizigaba ezintathu ezivamile sasinamandla okukhiqiza ‘ngohlobo’ lwaso.—Genesise 1:9-13.

Intando yaphezulu ngokuphathelene nezinkanyiso yafezwa ngoSuku Lwesine, njengoba ichazwa: “UNkulunkulu wazenza izinkanyiso ezimbili ezinkulu, inkanyiso enkulu ukuba ibuse imini, nenkanyiso encane ukuba ibuse ubusuku, kanye nezinkanyezi. UNkulunkulu wazifaka emkhathini wezulu ukuba zikhanyise emhlabeni, zibuse imini nobusuku, zahlukanise ukukhanya nobumnyama.” (Genesise 1:16-18) Ngokwencazelo ephathelene nalezizinkanyiso, inkanyiso enkulu ngokusobala kwakuyilanga futhi inkanyiso encane kuyinyanga.

Kuyaphawuleka ukuthi kuGenesise 1:16 isenzo sesiHeberu esithi ba·raʼʹ, esisho “ukudala,” asisetshenziswanga. Kunalokho, kusetshenziswe isenzo sesiHeberu esithi ʽa·sahʹ, esisho ‘ukwenza.’ Njengoba ilanga, inyanga, nezinkanyezi kuhlanganisiwe ‘ezulwini’ okukhulunywe ngalo kuGenesise 1:1, kwadalwa esikhathini eside ngaphambi koSuku Lwesine. Ngosuku lwesine uNkulunkulu ‘wenza’ lezizindikimba zaphezulu zaba nobuhlobo obusha emhlabeni nasemkhathini ongaphezu kwawo. Lapho kuthiwa, “uNkulunkulu wazifaka emkhathini wezulu ukuba zikhanyise emhlabeni,” lokhu kungabonisa ukuthi manje zase zibonakala emhlabeni, njengokungathi zazisemkhathini.—Genesise 1:14.

USuku Lwesihlanu lwaphawulwa ukudalwa kwemiphefumulo yokuqala engebona abantu emhlabeni. Asikho nesisodwa isidalwa uNkulunkulu ahlosa ukuba siziphendukele ngokwemvelo sibe ngezinye, kodwa ngokwezwi nezwi uquqaba lwemiphefumulo ephilayo lwenziwa lwaba khona ngamandla aphezulu. Kulotshiwe: “UNkulunkulu wadala imikhomo emikhulu nezilwane zonke eziphilayo ezihambayo, amanzi agcwala zona ngezinhlobo zazo, nezinyoni zonke ezinamaphiko ngezinhlobo zazo.”—Genesise 1:20-23.

NgoSuku Lwesithupha “uNkulunkulu wazenza izilo zomhlaba ngezinhlobo zazo, nezinkomo ngezinhlobo zazo, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo,” yonke lemisebenzi yayimihle, njengayo yonke eminye imisebenzi yangaphambili yokudala.—Genesise 1:24, 25.

Ngasekupheleni kosuku lwesithupha lomsebenzi wokudala, uNkulunkulu waletha uhlobo olusha ngokuphelele lwesidalwa, esiphakeme kunezilwane ngisho nakuba sasingaphansi kwezingelosi. Lesi sasiwumuntu, odalwe ngomfanekiso wakhe nesifana naye. Nakuba uGenesise 1:27 kafushane ethi ngesintu uNkulunkulu “wabadala owesilisa nowesifazane,” ukulandisa okufanayo kuGenesise 2:7-9 kubonisa ukuthi uJehova uNkulunkulu wenza umuntu ngothuli lomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila, futhi umuntu waba umphefumulo ophilayo, owanikezwa ikhaya eliyipharadesi nokudla.

Kulokhu uJehova wasebenzisa izakhi zomhlaba emsebenzini wokudala futhi kamuva, lapho esenze umuntu, wadala owesifazane ongumuntu esebenzisa olunye lwezimbambo zika-Adamu njengesisekelo. (Genesise 2:18-25) Ngokudalwa kowesifazane, umuntu wayesephelele ‘ngohlobo’ lwakhe.—Genesise 5:1, 2.

Khona-ke uNkulunkulu wabusisa isintu, etshela indoda yokuqala nomkayo: “Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe, nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.” (Genesise 1:28) UNkulunkulu wenzela izidalwa ezingabantu nezinye izidalwa zasemhlabeni amalungiselelo anele ngokuzinikeza “imifino eluhlaza ibe-ngukudla.” Ubika ngemiphumela yalowomsebenzi wokudala, umBhalo ophefumulelwe uthi: “UNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu.” (Genesise 1:29-31) Lapho usuku lwesithupha selufike esiphethweni esihle futhi uNkulunkulu esewuqedile umsebenzi wakhe wokudala, “waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke abeyenzile.”—Genesise 2:1-3.

Inkulumo ethi, “Kwaba-ngukuhlwa, kwaba-ngukusa,” usuku lokuqala, lwesibili, lwesithathu, njalonjalo, iphetha ukubukezwa kwezinto ezazifezwa usuku ngalunye kweziyisithupha zomsebenzi wokudala. (Genesise 1:5, 8, 13, 19, 23, 31) Njengoba ubude bosuku ngalunye lokudala lwaludlula amahora angu-24, lenkulumo ayibhekiseli ebusukwini nasosukwini olungokoqobo kodwa ingokomfanekiso.

Phakathi nenkathi yakusihlwa izinto zazingeke zibonakale kahle; kodwa ekuseni zaziyobonakala ngokucacile. ‘Kusihlwa,’ noma ekuqaleni kwenkathi ngayinye yokudala, noma “usuku,” injongo kaNkulunkulu yalolosuku, nakuba yena ayeyazi ngokugcwele, yayingenakuqondakala kunoma iziphi izibukeli eziyizingelosi. Nokho, lapho ‘kusa’ kwakuyobe sekunokukhanyiselwa okugcwele ngokuphathelene nenjongo kaNkulunkulu yalolosuku, njengoba isuke isifeziwe ngalesosikhathi.—Qhathanisa nezAga 4:18.

Uma ungakujabulela ukuthola ukwaziswa okwengeziwe noma ungathanda ukuba othile afike azokuqhubela isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele elisekhasini 2.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela