Ikhono Lokusungula Izinto—Isipho Somusa Esivela KuNkulunkulu
UJEHOVA uyajabula ngemisebenzi yakhe yendalo. (IHubo 104:31) Ukweneliseka okujulile akutholayo ekudaleni kuboniswe kuGenesise 1:31: “UNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu.”
UJehova akazange azigodlele yona lenjabulo. Wanika uJesu ilungelo lokuba ithuluzi zonke ezinye izinto ezadalwa ngalo. (Johane 1:3; Kolose 1:16, 17) ‘Njengengcweti yomsebenzi,’ uJesu futhi ‘wayejabula phambi [kukaJehova] isikhathi sonke.’—IzAga 8:30, 31.
Kodwa ikhono lokusungula izinto alikho ezulwini kuphela. “Lakhelwe ngaphakathi ezidalweni ezingabantu,” kubhala u-Eugene Raudsepp encwadini yakhe ethi How Creative Are You? Lokhu akuzange kumane kuqondane nje, ngoba umuntu wenziwa ngomfanekiso kaNkulunkulu. (Genesise 1:26) Ngakho uJehova uye wanika isintu amakhono okusungula izinto anelisayo.—Jakobe 1:17.
Ngakho-ke, akumangalisi ukuthi iBhayibheli likhuluma kahle ngokucula, ukusina, ukuphotha, ukupheka, ubungcweti, neminye imisebenzi yobuciko. (Eksodusi 35:25, 26; 1 Samuweli 8:13; 18:6, 7; 2 IziKronike 2:13, 14) UBesaleli, ingcweti, wasebenzisa ikhono lakhe ‘lokuqamba imisebenzi yobungcweti’ ukuze asize ekwakheni itabernakele. (Eksodusi 31:3, 4) Umalusi uJabale kungenzeka waba umsunguli wetende, umkhiqizo okahle ekuphileni kokuzulazula. (Genesise 4:20) UDavide wayengeyena umculi nomqambi womculo nje kuphela, kodwa futhi wayengumsunguli wezinsimbi zomculo ezintsha. (2 IziKronike 7:6; IHubo 7:17; Amose 6:5) UMiriyamu kungenzeka wahlela ukusina okugcwele injabulo okwakuhalalisela ukusindiswa kwama-Israyeli okuyisimangaliso oLwandle Olubomvu.—Eksodusi 15:20.
Ikhono lokusungula izinto ngokuvamile liwusizo ekuthuthukiseni ukukhulekela kweqiniso. UJesu wasebenzisa ngobuciko imifanekiso nezifundo ezisekelwe ezintweni abantu abazibonayo ukuze adlulisele isigijimi sakhe. Ngokufanayo abalandeli bakhe banxuswa ukuba ‘bakhuthalele izwi nokufundisa.’ (1 Thimothewu 5:17) Yebo, umsebenzi wabo wokushumayela awukona nje ukuphindaphinda into efanayo. Uwumsebenzi odinga izindlela zokufundisa zobuciko. (Kolose 4:6) Lokhu kubaluleke ngokukhethekile lapho umuntu efundisa izingane zakhe.—Duteronomi 6:6, 7; Efesu 6:4.
Ngakho, uJehova uyihlanganyela nabanye injabulo ukudala okumnika yona. Yeka isipho somusa!