Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 1/15 k. 32
  • Zincane Kodwa Zinamandla

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Zincane Kodwa Zinamandla
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 1/15 k. 32

Zincane Kodwa Zinamandla

UROBERT, insizwa yaseCanada, wazulazula kulo lonke elaseYurophu efuna injongo ekuphileni. Wabona izinto eziningi ezamshiya ezizwa engenathemba ngokuphathelene nesikhathi esizayo.

Esahlezi esitolo sokudlela eSeville, eSpain, uRobert wanikwa ipheshana elinyatheliswa oFakazi BakaJehova. Ekuqaleni, uRobert waba nokungabaza. “Nokho, ngalifunda,” esho. “Anginakukuchaza, kodwa ngokushesha ngezwa okuthile okwakuzwakala kunengqondo. Phakathi nohambo lwami, ngangiboné izinhlobo eziningi zokucindezeleka nokuwa komuntu, futhi ngangikhungathekile ngokungakwazi kwami ukushintsha izinto. Ngemva kokufunda lelipheshana, ngazibuza, ‘Ingabe “lelizwe elisha” kungenzeka libe khona?’ Khona-ke, ngacabanga, ‘Yebo, mhlawumbe kungenzeka.’”

Enethemba elivuselelwe, uRobert wabhalela ihhovisi loFakazi BakaJehova eliseCanada, ecela ukuba othile amvakashele lapho ebuyela ekhaya futhi amsize ukuba aqonde iBhayibheli.

Ngokungangabazeki, izwi lomlomo linamandla. Nokho, ungawathathi kalula amandla esigijimi esilotshiwe. Kungakhathaliseki ukuthi zincane kangakanani, izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini zivusa isithakazelo ngokunamandla. Zithinta ingqondo nenhliziyo, zinikeza ithemba eliqinisekile lesikhathi esizayo.—Heberu 4:12.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela