Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 1/1 kk. 3-4
  • Gcina Ubuqotho Uphile!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Gcina Ubuqotho Uphile!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Hlala Uqotho!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • Ubuqotho BukaJobe—Ubani Ongabulingisa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Sizohamba Ngobuqotho Bethu!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • UJobe Wadumisa Igama LikaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 1/1 kk. 3-4

Gcina Ubuqotho Uphile!

“THUKA uNkulunkulu, ufe.” Isembozo salomagazini wethu sibonisa umkaJobe, owamhlasela ngalawomazwi. Lokho kwenzeka eminyakeni engu-3 600 edlule. Kodwa, leyonkulumo eyashiwo encekwini kaNkulunkulu ethembekile iqokomisa impikiswano ebhekene nesintu kuze kube namuhla. UJobe othembekile wayelahlekelwe kakhulu—imfuyo yakhe, umuzi wakhe, abantwana bakhe abayishumi. Manje umzimba wakhe wawusuhlushwa ukugula okungamahlalakhona, kuvivinya ukukhuthazela kwakhe ngazo zonke izindlela. Isizathu? Isitha esikhulu sikaNkulunkulu nomuntu, uSathane uDeveli, sasiphishekela inselele yokuthi umuntu akanakubulondoloza ubuqotho kuNkulunkulu ngaphansi kovivinyo olunzima.—Jobe 1:11, 12; 2:4, 5, 9, 10.

Namuhla, njengasosukwini lukaJobe, “izwe lonke [lisemandleni omubi, NW],” uSathane uDeveli. (1 Johane 5:19) Ngempela, lokho kuyiqiniso ngisho nakakhulu namuhla, ngoba manje lowo ‘othiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke,’ uye waxoshwa emazulwini walahlelwa phansi kulomhlaba. (IsAmbulo 12:9) Lokhu kuyimbangela yomaye abanzima abakhathaza isintu osukwini lwethu. Impi yezwe yokuqala, eyaqala ngo-1914, yaphawula “ukuqala kwemihelo” okuye kwaqhubeka kwaze kwaba sekujuleni kwekhulu lama-20.—Mathewu 24:7, 8.

Kulelizwe elinonya, eliwohlokile, uke ube nawo yini umuzwa wokuthi usufike ekugcineni kokukhuthazela umuntu angaba nakho? Ingabe uke uzibuze, ‘Ikhona yini injongo ekuphileni?’ Kungenzeka uJobe wake wazizwa ngaleyondlela, kodwa akazange nakanye aphelelwe ukholo kuNkulunkulu, nakuba awenza amaphutha. Wazwakalisa ukuzimisela kwakhe ngalamazwi: “Angiyikuzaphuca [ubuqotho bami, NW] ngize ngife.” Wayeqiniseka ukuthi uNkulunkulu ‘wayeyobazi ubuqotho bakhe.’—Jobe 27:5; 31:6, NW.

UJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu uqobo, naye kwadingeka akhuthazelele uvivinyo lapha emhlabeni. USathane wahlasela uJesu ngezindlela ezihlukahlukene. Wasizakala ngezidingo zikaJesu ezingokwenyama futhi wavivinya ukuthembela kwaKhe eZwini likaNkulunkulu, njengasentabeni yokulingwa. (Mathewu 4:1-11) Wadabukisa uJesu ngokwenza ukuba ababhali nabaFarisi abahlubukayo nabalandeli babo bamshushise, bambeke icala lokuhlambalaza, futhi bakhe icebo lokumbulala. (Luka 5:21; Johane 5:16-18; 10:36-39; 11:57) Bamphatha kabi kakhulu uJesu ngaphezu kwalokho abaduduzi abathathu bamanga abakwenza kuJobe.—Jobe 16:2; 19:1, 2.

Ensimini yaseGetsemane, njengoba uJesu efinyelela emvuthwandaba walokhu kuvivinywa, watshela abafundi bakhe: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube-sekufeni.” Khona-ke, “wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: Baba, uma kungenzeka, akudlule kimi lesisitsha; nokho kungabi-njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.” Ekugcineni, esesigxotsheni sokuhlushwa, kugcwaliseka amazwi ayisiprofetho eHubo 22:1, uJesu wakhamuluka: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?” Kodwa ngokuyisisekelo uNkulunkulu wayengamshiyanga uJesu ngoba uJesu walondoloza ubuqotho obuphelele kuYe, enikeza isibonelo sokulandelwa yiwo wonke amaKristu eqiniso. UJehova wavuza ukugcina kukaJesu ubuqotho ngokumvusa ekufeni futhi amphakamisele emazulwini aphakeme kakhulu. (Mathewu 26:38, 39; 27:46; IzEnzo 2:32-36; 5:30; 1 Petru 2:21) UNkulunkulu uyobavuza bonke abanye ngokufanayo abagcina ubuqotho kuye.

Ukugcina kukaJesu ubuqotho akuzange nje kuphela kunikeze impendulo ephelele enseleleni kaSathane kodwa umhlatshelo ophelele wokuphila kwakhe kobuntu wanikeza isihlengo, leso abantu abagcina ubuqotho abangazuza ukuphila okuphakade ngesisekelo sawo. (Mathewu 20:28) Okokuqala, uJesu uqoqa ‘umhlambi omncane’ oba izindlalifa kanye naye eMbusweni wamazulu. (Luka 12:32) Ngemva kwalokhu, kuqoqwa “isixuku esikhulu” ukuze sisinde “osizini olukhulu,” esiphuma kulo ukuze sizuze ukuphila okuphakade njengefa eMbusweni kaNkulunkulu emhlabeni.—IsAmbulo 7:9, 14-17.

UJobe owagcina ubuqotho uyoba phakathi kwezinkulungwane zezigidi zabafile eziyovuswa ngalesosikhathi ukuze zibe ingxenye yalowomphakathi onokuthula ‘womhlaba omusha.’ (2 Petru 3:13; Johane 5:28, 29) Njengoba kuboniswe esembozweni esingemuva salomagazini wethu, uJobe wavuzwa ngobuqotho bakhe lapho uJehova ‘ebusisa ukugcina kukaJobe kunokuqala kwakhe.’ Wayezuze amandla angokomoya njengomuntu ongazange ‘one ngomlomo wakhe.’ UNkulunkulu welula ukuphila kwakhe ngeminyaka engu-140 eyengeziwe. Ngokwezinto ezibonakalayo, wanika uJobe okuphindwe kabili kwalokho ayenakho ngaphambili, futhi uJobe “wayenamadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu,” amadodakazi ayebhekwa njengamahle ukwedlula wonke kulo lonke lelozwe. (Jobe 2:10; 42:12-17) Kodwa konke lokhu kuchuma kwakumane kuwukuboniswa kusengaphambili izibusiso abagcini bobuqotho abayozijabulela ePharadesi ‘lomhlaba omusha.’ Nawe futhi ungahlanganyela kuleyonjabulo, njengoba amakhasi alandelayo ezochaza!

[Isithombe ekhasini 4]

UJesu wabeka isibonelo esiphelele njengomgcini wobuqotho

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela