Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 12/15 k. 32
  • “Ukuthula KukaNkulunkulu Okudlula Ukuqonda Konke”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ukuthula KukaNkulunkulu Okudlula Ukuqonda Konke”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 12/15 k. 32

“Ukuthula KukaNkulunkulu Okudlula Ukuqonda Konke”

PHAKATHI nawo wonke umlando, izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile ziye zabekezelela izikhathi zosizi olukhulu olungokomzwelo. Yeka ukuthi lokhu kuyiqiniso kakhulu kangakanani namuhla, njengoba siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo’! (2 Thimothewu 3:1, NW) Umphostoli uPawulu waluleka amaKristu ukuba aphonse zonke izinkathazo zawo kuJehova ngomkhuleko. Kwakuyoba namuphi umphumela? “Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.”—Filipi 4:7.

Kuyini lokhu ‘kuthula kukaNkulunkulu’? Kuwukuzola okubangelwa ukuba nobuhlobo obuseduze noMdali. Ukusondelana okunjalo kusinikeza isiqinisekiso sokuthi, naphezu kwezinkathazo zethu, uJehova “akayikubashiya abantu bakhe; ngeke abalahle abangabakhe.”—IHubo 94:14, Today’s English Version.

Lokhu akusho ukuthi sikugonyelwe ukuhlupheka. “Ziningi izinhlupheko zolungileyo,” kubhala umhubi. (IHubo 34:19) Kodwa ukuthula kukaNkulunkulu kungaletha impumuzo. Kanjani?

Ukuthula kukaNkulunkulu “kudlula ukuqonda konke,” kubhala uPawulu—noma njengoba kuhunyushwe kuyi-Concordant Version, “kungaphezu kwazo zonke izimo zengqondo.” Ukukhathazeka kungasibangela ukuba sibe nemizwa ehlukahlukene ecindezelayo. (UmShumayeli 7:7) Nokho, ukuthula kukaNkulunkulu kungasiqinisa, ikakhulukazi lapho sidinga “amandla angaphezu kwavamile.”—2 Korinte 4:7, NW; 2 Thimothewu 1:7.

Ngaphezu kwalokho, ukuthula kukaNkulunkulu kuyisivikelo. ‘Kungalondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu,’ njengoba uPawulu abhalela abaseFilipi. Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “londoloza” liyigama lasempini ngokunokwenzeka eliveza umqondo wamasosha ahlale eqaphe imini nobusuku. Ngendlela efanayo, ukuthula kukaNkulunkulu kungaba njengomlondolozi phezu kwezinhliziyo nemicabango yethu amahora angu-24.—1 Korinte 10:13; qhathanisa neyabase-Efesu 4:26.

Uma ucabanga ngezinselele ezicindezelayo esibhekene nazo namuhla, ukuthula kukaNkulunkulu akuyona yini into okumelwe sibonge ngayo?—IHubo 18:2; qhathanisa no-Eksodusi 40:38.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela