“Ileyondlela AmaKristu Eqiniso Okufanele Aziphathe Ngayo”
ENCWADINI yakhe ka-1990 ethi Arbeit macht tot—Eine Jugend in Auschwitz (Umsebenzi Uyakubulala—Izinsizwa E-Auschwitz), uTibor Wohl owasinda e-Auschwitz ubhala ingxoxo ayizwa phakathi kweziboshwa ezimbili ezazindawonye. Esinye, sase-Austria, sathi ‘sasingeyena umuntu okholwayo.’ Nokho, sababaza iziboshwa ezazifake uphawu lukanxantathu onsomi—abaFundi BeBhayibheli, njengoba oFakazi BakaJehova babebizwa kanjalo ekamu.
“Abayi empini,” kusho esase-Austria kumngane waso. “Bangakhetha ukubulawa kunokubulala omunye umuntu. Ngokombono wami ileyondlela amaKristu eqiniso okufanele aziphathe ngayo. Ake ngikuxoxele ngesenzakalo esijabulisa kakhulu esenzeka lapho nginabo. Sasindawonye namaJuda nabaFundi BeBhayibheli esakhiweni esisodwa ekamu lase-Stutthof. Ngalezozinsuku abaFundi BeBhayibheli kwakudingeka benze umsebenzi onzima, ngaphandle emakhazeni ashubisa umnkantsha. Sasingaqondi ukuthi babesinda kanjani. Babethi uJehova wayebanika amandla. Babesidinga kakhulu isinkwa sabo njengoba babefile indlala. Kodwa yini abayenza? Baqoqa sonke isinkwa ababenaso, bathatha ingxenye, kwathi enye ingxenye bayinika abafowabo, abafowabo abangokomoya, abafika belambe befile bevela kwamanye amakamu. Babamukela futhi babanga. Ngaphambi kokuba badle, bathandaza, futhi ngemva kwalokho ubuso babo bagcwala injabulo. Bathi akekho owayesalambile. Ngakho-ke, uyabona, ngaphetha ngokuthi ‘Lawa amaKristu eqiniso.’ Yilokho engangihlale ngicabanga ukuthi kufanele abe yikho. Yeka ukuthi kwakuyoba kuhle kanjani ukubamukela kanjalo abangane bethu abalambile lapha e-Auschwitz!”