Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 11/1 kk. 2-4
  • Ukuhlupheka Kwabantu—Ingabe Kuyoke Kuphele?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuhlupheka Kwabantu—Ingabe Kuyoke Kuphele?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okushiwo YiBhayibheli Ngokuhlupheka
    I-Phaphama!—2015
  • Lithini IBhayibheli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • Umbuzo 3: Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuba Ngihlupheke?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Induduzo Induduzo Kwabahluphekayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 11/1 kk. 2-4

Ukuhlupheka Kwabantu—Ingabe Kuyoke Kuphele?

IZITHOMBE ezishaqisayo ngemva kokuqhuma kwebhomu emakethe egcwele abantu eSarajevo; ukubulawa nokuhlukunyezwa kwabantu eRwanda; abantwana ababulawa yindlala bephangelana ngokudla eSomalia; imikhaya eshaqekile ihlola indlela elahlekelwe ngayo ngemva kokuzamazama komhlaba eLos Angeles; izisulu ezingenakuzisiza zaseBangladesh enephuzwe isikhukhula. Izithombe ezinjalo zokuhlupheka kwabantu sizibona nsuku zonke ku-TV noma komagazini nasemaphephandabeni.

Umphumela odabukisayo wokuhlupheka kwabantu ukuthi kubangela abanye abantu ukuba baphelelwe ukholo kuNkulunkulu. “Ukuba khona kobubi ngaso sonke isikhathi kuye kwalukhubaza ngokungathi sína ukholo,” ngokusho kokwaziswa okwakhishwa umphakathi wamaJuda e-United States. Abalobi babhekisela ekufeni kwasemakamu okuhlushwa amaNazi njengase-Auschwitz nasekubulaweni ngamabhomu njengalelo elaqhuma eHiroshima. “Indaba yokuthi uNkulunkulu olungile nonamandla angakuvumela kanjani ukuqothulwa kokuphila okuningi kangaka okumsulwa iyawukhathaza unembeza womuntu ongokwenkolo futhi kudida ingqondo,” kusho abalobi.

Ngokudabukisayo, imibiko engapheli yezi-nhlekelele ezinkulu ingenza abantu baphelelwe uzwela lobuntu. Uma nje abangane nezihlobo bengahilelekile, abaningi bazithola bengathintekile nakancane ngokuhlupheka kwabanye.

Nokho, iqiniso lokuthi siyakwazi ukuba nobubele, okungenani kwabathandekayo bethu siqu, kufanele lisitshele okuthile ngoMenzi wethu. IBhayibheli lithi umuntu wadalwa “ngomfanekiso kaNkulunkulu” futhi ‘ufuze [yena].’ (Genesise 1:26, 27) Lokhu akusho ukuthi abantu bafana noNkulunkulu ngokubukeka. Cha, ngoba uJesu Kristu wachaza ukuthi “uNkulunkulu unguMoya,” futhi “umoya awunayo inyama namathambo.” (Johane 4:24; Luka 24:39, NW) Ukwenziwa kwethu ngomfuziselo kaNkulunkulu kubhekisela emandleni ethu okubonakalisa izimfanelo zakhe zobuNkulunkulu. Ngakho-ke, njengoba abantu abavamile beba nobubele ngalabo abahluphekayo, kumelwe siphethe ngokuthi uMdali womuntu, uJehova uNkulunkulu, unobubele futhi uyizwela ngokujulile indalo yakhe engabantu ehluphekayo.—Qhathanisa noLuka 11:13.

Enye indlela uNkulunkulu abonise ngayo ububele bakhe ingokunikeza isintu incazelo elotshiwe yembangela yokuhlupheka. Lokhu ukwenze eZwini lakhe, iBhayibheli. IBhayibheli libonisa ngokucacile ukuthi uNkulunkulu wadala umuntu ukuze ajabulele ukuphila, hhayi ukuba ahlupheke. (Genesise 2:7-9) Libuye lembule ukuthi abantu bokuqala bazilethela ukuhlupheka ngokwenqaba ukubusa okulungile kukaNkulunkulu.—Duteronomi 32:4, 5; Roma 5:12.

Naphezu kwalokhu, uNkulunkulu usenabo ububele ngabantu abahluphekayo. Lokhu kuboniswe ngokucacile esithembisweni sakhe sokuqeda ukuhlupheka kwabantu. “Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babe-ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe-nabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4; bheka no-Isaya 25:8; 65:17-25; Roma 8:19-21.

Lezizithembiso ezimangalisayo zibonisa ukuthi uNkulunkulu ukwazi kahle ukuhlupheka kwabantu nokuthi uzimisele ukukuqeda. Kodwa yini ngempela eyabangela ukuhlupheka kwabantu ekuqaleni, futhi kungani uNkulunkulu ekuvumele ukuba kuqhubeke kuze kube sosukwini lwethu?

[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]

Cover and page 32: Alexandra Boulat/Sipa Press

[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]

Kevin Frayer/Sipa Press

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela