Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 10/15 k. 32
  • “Ningadabuki Njengabanye”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ningadabuki Njengabanye”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 10/15 k. 32

“Ningadabuki Njengabanye”

WAKE wayiqaphela yini indlela imbali ebonakala igobeke ngayo ngemva kokuhlaselwa isiphepho? Kungase kube umbono okwenza uthinteke ngandlela-thile. Kakade, isiphepho semvula cishe sibangele izilwane nabantu abangenakubalwa—izidalwa eziqine ukwedlula noma iyiphi imbali—ukuba zehle zenyuka zithungatha indawo yokukhosela. Nokho, lembali ima khona lapho, ibanjwe izimpande, ibhekene nesimo sezulu esibi. Manje, nansi ayilimele, igobekile kodwa ayiphukile, ibonisa amandla aphikisana nokubonakala kwayo okubuthakathaka. Ungase uzibuze, njengoba uyethulela isigqoko, ukuthi isayophinde iwathole yini amandla ayo futhi ibuye iphakamisele isihloko sayo esihle esibhakabhakeni.

Kuyafana nangabantu. Kulezizikhathi ezinzima, sibhekana nazo zonke izinhlobo zeziphepho. Izinkinga ezingokomnotho, ukucindezeleka, impilo ebuthakathaka, ukulahlekelwa othandekayo ngokufa—iziphepho ezinjalo zisihlasela sonke ngezikhathi ezihlukene, futhi ngezinye izikhathi asinakuphinde sikwazi ukuzigwema njengoba nembali ingenakuzisiphula bese ifuna indawo yokukhosela. Kushukumisa ngempela ukubona abantu ababonakala bebuthakathaka kakhulu bebonisa amandla amangalisayo futhi bekhuthazelela ukuhlaselwa okunjalo konya. Bakwenza kanjani? Ngokuvamile isihluthulelo ukholo. Umfowabo kaJesu Kristu ngamzali munye uJakobe wabhala: “Niyazi ukuthi lapho ukholo lwenu luphumelela ekubhekaneni novivinyo olunjalo, umphumela uba amandla okukhuthazela.”—Jakobe 1:3, Today’s English Version.

Esinye isihluthulelo ithemba. Ngokwesibonelo, lapho ukufa kugadla kothandekayo, ithemba lingenza umehluko omkhulu kwabashonelwe. Umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu eThesalonika: ‘Asithandi ukuba ningabi-nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenalo ithemba.’ (1 Thesalonika 4:13) Nakuba amaKristu ngokuqinisekile edabuka ngenxa yokufa, kunomehluko. Anolwazi oluqondile ngesimo sabafile nangethemba lovuko.—Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15.

Lolulwazi luwanika ithemba. Kamuva, lelothemba, kancane kancane linciphisa ukudabuka kwawo. Liwasiza ukuba akhuthazele, enze nokwengeziwe. Ngokuhamba kwesikhathi, njengembali ngemva kwesiphepho, angase aphakamise amakhanda ekudabukeni kwawo futhi aphinde athole injabulo nokwaneliseka ekuphileni.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela