‘Izimpande Ezingenakunyakaziswa’
PHAKATHI kwezinto eziphilayo ezinkulu nezindala kunazo zonke emhlabeni imithi ye-sequoia yaseCalifornia. Lezizimangaliso eziphakeme kakhulu ziba ngamamitha angaba ngu-90 ukuphakama lapho sezikhulile futhi zingaphila iminyaka engaphezu kuka-3 000.
Nakuba ukubonakala kwe-sequoia kwethusa, isimiso sayo sezimpande esingabonakali sihlaba umxhwele ngokufanayo. I-sequoia inoxhaxha lwezimpande ezindlalekile ezingathatha indawo enkulu engaba ngamahektare angu-1,2 noma angu-1,6. Lesisimiso sezimpande esithatha indawo ebanzi sinikeza isivikelo esiqinile ngisho nalapho kunezikhukhula noma umoya ophakeme onamandla. I-sequoia ingakwazi ngisho nokumelana nokuzamazama komhlaba okunamandla!
INkosi uSolomoni yakhetha isimiso esiqinile sezimpande zomuthi njengesingathekiso kwesinye sezaga zayo. “Akekho umuntu ongema ngobubi,” esho, “kodwa abantu abakahle banezimpande ezingenakunyakaziswa.” (IzAga 12:3, The New English Bible) Yebo, ababi abanakuma. Noma iyiphi impumelelo ababonakala beyifinyelela imane ingeyesikhashana, ngoba uJehova uthembisa ukuthi “abakwethembayo ababi kuyakubhubha.”—IzAga 10:28.
Lesi isixwayiso kulabo abathi bangamaKristu, ngoba uJesu wathi abanye babengenakuba ‘nampande’ kubo futhi babezokhubeka. (Mathewu 13:21) Ngaphezu kwalokho, umphostoli uPawulu wabhala ngabantu ‘ababezopheshulwa yimimoya yonke yezifundiso’ zamanga. (Efesu 4:14) Kungagwenywa kanjani lokhu?
Njengoba nje izimpande ze-sequoia zenaba kakhulu enhlabathini evundile yomhlaba, kudingeka izingqondo nezinhliziyo zethu zigxile kakhulu eZwini likaNkulunkulu futhi zithole amanzi alo anikeza ukuphila. Lokhu kuyosisiza ukuba sakhe ukholo olunezimpande eziqinile. Yiqiniso, siyoyizwa imiphumela yezivunguvungu zovivinyo. Singase sithuthumele ngisho nokuthuthumela, njengomuthi, lapho sibhekene nokuhlupheka. Kodwa uma ukholo lwethu lunesisekelo esiqinile, siyozibonakalisa ‘sinezimpande ezingenakunyakaziswa.’—Qhathanisa namaHeberu 6:19.