Liyini Ikusasa Lentsha Yethu?
UKUSONGELA kwenuzi—kungakhathaliseki ukuthi okwamabhomu amaphekula noma izingozi ezikhungweni zenuzi—kusisongela sonke. Kungase kufaneleke ukuba ukhathazeke ikakhulukazi ngentsha, kuhlanganise izingane zakho siqu noma abazukulu. Yeka indlela okudumaza ngayo ukuqaphela ukuthi ukusongela kwenuzi kulimaza impilo nekusasa lanoma iyiphi ingane.
Kodwa yima isibindi. Unesizathu sokuba nethemba ngekusasa lentsha. Isisekelo sethemba asixhomekile emizamweni yabantu yokuvikela intsha yethu, kodwa esikhathini esizayo esisekelwe kuMdali wethu.
Lapho iNdodana kaNkulunkulu, uJesu, ifundisa eMpumalanga Ephakathi, yabonisa ukuyikhathalela intsha. (Marku 9:36, 37, 42; 10:13-16) IBhayibheli libonisa ukuthi ukukhathalela okufanayo kuyoboniswa lapho ekugcineni uNkulunkulu eqeda ukusongela kwenuzi futhi emisa ipharadesi lembulunga yonke. Intsha yethu ingalijabulela, futhi nawe ungalijabulela.
Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe noma ukuba othile afike azokuqhubela isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, noma ekhelini elifanele elisekhasini 2.