Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 7/15 k. 31
  • ‘Ziyalazi Izwi Lakhe’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Ziyalazi Izwi Lakhe’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 7/15 k. 31

‘Ziyalazi Izwi Lakhe’

“UJEHOVA ungu-malusi wami.” Lawa amazwi okuqala eHubo 23. ImiBhalo iphinde ifanise uJehova uNkulunkulu nomalusi esiprofethweni sika-Isaya, esithi: “Iyakwalusa umhlambi wayo njengomalusi, ibuthe amawundlu ngemikhono yayo, iwagone esifubeni sayo, ihole kahle izindlezane.”—Isaya 40:11.

Ngokufanayo, uJesu Kristu ufaniswa nomelusi. Wathi: “Ngingumalusi omuhle. Umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.” (Johane 10:11) UJesu wathi ‘izimvu ziyalizwa izwi [likamalusi]; ubiza ezakhe izimvu ngamagama‚ aziholele phandle.’ Wanezela ngokuthi ‘izimvu ziyamlandela [umalusi]‚ ngokuba zilazi izwi lakhe. Kepha umfokazi azisoze zamlandela kodwa ziyakumbalekela‚ ngokuba zingalazi izwi labafokazi.’—Johane 10:2-5.

Bobabili uJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe, uJesu Kristu, bayafaneleka kulemibhalo engenhla. Baphatha izimvu zabo ezingokomfanekiso ngobumnene nangokunakekela kothando. Ngenxa yalokho, labo abanjengezimvu bazizwa bethandwa, belondekile, bevikelekile.

Lobubuhlobo bufaniswa ngokufanelekile nobezimvu ezingokoqobo nomalusi wazo. Emuva ngo-1831, uJohn Hartley waloba ngalokho ayekubonile ngalendaba. Waphawula ukuthi eGreece kwakujwayelekile ukuba abelusi bethe izimvu zabo amagama. Uma zibizwa ngegama, izimvu zazisabela ezwini likamalusi. Eminyakeni engaba ngu-51 kamuva, ngo-1882 uJ. L. Porter naye wabona okufanayo. Wazibonela mathupha abelusi “benza . . . umsindo okhethekile oklabalasayo” izimvu ezazisabela kuwo ngokubalandela zilalela abelusi. Ngawo lowonyaka uWilliam M. Thomson wabhala ngokuhlola okuphindaphindiwe okwabonisa ukuthi izimvu zingafundiswa ukulandela umalusi wazo futhi zizwe izwi lakhe.

Ingabe lobubuhlobo obukhethekile phakathi kwabelusi nezimvu zabo buye babonakala ezikhathini zamuva? Yebo. Kumagazini ka-September 1993 we-National Geographic, umhloli wamazwe wase-Australia uRobyn Davidson wabhala lokhu okulandelayo ngabelusi abangamaRabari enyakatho-ntshonalanga yeNdiya: “Umalusi ngamunye unemisindo engafani, ehlukahlukayo. Kukhona imisindo yasekuseni yokuphuma, eyokubiza izimvu zizophuza, njalonjalo. Umuntu ngamunye uyazazi izimvu zakhe nezimvu ziyamazi, futhi umhlambi wakhe ungazikhetha emhlambini omkhulu umlandele ekuseni.”

Ngokungangabazeki, uJesu wakubona lokhu okuye kwachazwa yilezizihambi ezine okusanda kukhulunywa ngazo. Lokho azibonela khona kwanezela isimo esingokoqobo emfanekisweni wakhe wezimvu ezazi izwi lakhe. Ingabe ungenye yezimvu zikaJesu? Ingabe uyalazi izwi lakhe futhi ulilalele? Uma uziqaphela futhi uzivuma izimfundiso zakhe futhi ulandele ukuhola kwakhe ekukhonzeni uJehova, khona-ke ungakuzwa ukwalusa kothando nokumnene kukaJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe, uJesu Kristu.—Johane 15:10.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela